UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, uqinisekise abomphakathi wabangezwa ezindlebeni ukuthi uhulumeni uyabakhathalela ngesikhathi bejabulela ukufakwa kweSign Language ohlwini lwezilimi zakuleli.
UNkk Khoza ubevakashele KwaVulindlebe School for the Deaf eChatsworth, lapho abangezwa ezindlebeni bemtshele ukuthi bayakujabulela ukuthi South African Sign Language (SASL) isiwulimi lwesi-12 kwizilimi ezisemthethweni kuleli.
“Siyizwe elibhekelela wonke amalungelo abantu. Ukufakwa kwe-SASL ohlwini lwezilimi ezisemthethweni kuleli kukhombisa ukuthi basebenza kanzima abaholi bomphakathi ongezwa ukuze kuhlonishwe amalungelo abangezwa. Kufanele sijabule ukuthi iSASL isiyingxenye yezilimi ezisemthethweni. Kudala bekunezilimi eziwu-11 kuphela ezisemthethweni kuleli,” kusho uNkk Khoza.
Uthe iSASL izovulela izingane, abesifazane nawo wonke umphakathi wabangezwa amathuba angcono empilweni.
“Ukufakwa kweSASL kukhombisa ngokusobala ukuthi uhulumeni uzimisele ukuqinisekisa ukuthi abantu bayalingana. ISign Language wulimi abaxhumana ngalo abangezwa. Asisoze sabashiya ngaphandle, yingakho uhulumeni elufake ohlwini lwezilimi ezisemthethweni,” usho kanje.
Uthe basebenzisana nezinhlangano ezingayenzi inzuzo ukubhekelela izidingo zabaphila nokukhubazeka okubalwa abangaboni nabangezwa.
Ucele amaphoyisa ukuthi alusukumele udaba lokuhlukunyezwa kwabakhubazekile, awaphenyisise amacala abathintayo ukuze kujeziswe ababahlukumezayo.
Ukhale ngokuthi amaphoyisa awayazi iSASL okwenza kube nzima ukusebenza amacala abo.
Ugqugquzele umphakathi ukuba ufunde iSASL, waveza ukuthi umnyango wakhe ubaqishile abantu abanokukhubazeka okuhlukene.
Uthe nezinkampani ezizimele kufanele zibaqashe abanokukhubazeka okuhlukene.
UMnuz Sagres Singram oneminyaka ewu-40 efundisa abangezwa ezindlebeni, uthe kufanele yonke imicimbi kahulumeni ibe notolika abazi iSASL ukuze izingane ezingezwa zizizwe ziyingxenye yomphakathi.