KUBE yinjabulo egcwele umunyu umndeni wamukela iziqu zendodakazi yawo engasekho emhlabeni.
Lokhu kwenzeke eDurban University of Technology (DUT) lapho umndeni wakwaNkabane wamukele iziqu zendodakazi wayo uPrincess Zabanguni Nkabane ongasekho emhlabeni.
UPrincess ubesebenza njengeSenior Communications Officer kuMasipala weTheku, udlule emhlabeni ngoMeyi 14, 2024, ngemuva kokugula isikhashana. UMasipala weTheku wenze inkonzo yakhe yesikhumbuzo ngoLwesine ngaphambi kokuba ayongcwatshwa ekhaya kubo ePlainhill, eXopo, ngoMgqibelo.
Okuvuse umunyu kakhulu kozakwabo enyuvesi wukuthi uhamba emhlabeni sekusele izinsuku ezimbalwa athweswe iziqu zeMasters ngezifundo zobuntatheli.
Iziqu zakhe zamukelwe ngudadewabo uZinhle Nkabane obenonina wabo uMama Nkabane nomyeni kamufi uNhlanhla Makhanya.
UMakhanya uchaze ingoduso yakhe njengeqhawekazi ebeliwuthanda umndeni futhi lizinikele nasemsebenzini walo.
“Ingoduso yami izokhunjulwa ngokuba nothando nokuzinikela kwakhe emndenini. Ubesebenza futhi efunda, kodwa asikaze siluswele uthando lwakhe, ikhaya letho belihlezi linemfudumalo ngenxa yakhe,” kusho uMakhanya.
Yize kube nomuzwa womunyu nobuhlungu ukubona umndeni wamukela iziqu zale ntokazi ingasekho ukuzibongela yona ngemisebenzi yayo emihle, kodwa kube kuhle ukubona ubuholi benyuvesi bunxuse bonke ebebekhona ehholo ukuba basukume ngomzuzu wokuhlonipha le ntokazi ngesikhathi udadewabo amukeliswa iziqu zayo.