Kumlethele injabulo ehambisana nokukhathazeka owesifazane ukubeletha amawele amane njengoba ethi unovalo lokuthi bazowondla ngani.
UNksz Nonhlanhla Khumalo (30) waseJozini ohlala eNazaretha, ePinetown, ubelethe amawele amane enezinyanga eziyisikhombisa ekhulelwe esibhedlela eR K Khan, eChatsworth ngenyanga edlule. Amawele asenenyanga ezelwe.
UNksz Khumalo onezinye izingane ezimbili eneminyaka ewu-11 neneminyaka eyisithupha, uthe wayazi ukuthi ukhulelwe amawele amathathu, iwele lesine libonakale esebeletha , i-scan besingalivezi.
Ubelethe amantombazane amathathu uLulonke, uLunele, uLukhona nomfana uSiphosethu ‘’Mailula“
oqanjwe uyise uMnuz Mzwandile Mpontshane ngesibongo somdlali weSundowns uCassius Mailula ngoba uyise uyazifela ngalo mdlali.
UNksz Khumalo naye oyiwele uthe ujabule kakhulu ngesipho abasiphiwe uNkulunkulu samawele, kodwa unovalo ngokuthi bazozondla ngani izingane zabo ngoba abasebenzi.
" Uyise wezingane ubamba amatoho mina angisebenzi, namatoho ebekuke kwenzeke ngiwabambe bengingasakwazi ukuya kuwo ngesikhathi ngikhulelwe ngoba ngisheshe ngazizwa ngikhathala, ngisindwa. Njengoba sebekhona abantwana ngeke ngikwazi ukubashiya ngiyozama amatoho ngoba badinga mina. Angikwazi ukubaphatha ngedwa, ngisizwa ubabekazi wabo nakhona lapha esibhedlela ngoba angikwazi ukubancelisa bonke ngesikhathi esisodwa," kusho yena.
Lama wele azalwe ngoJulayi 9 isisindo sawo besingaphezulu kancane kuka 1kg.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, uvakashele uNksz Khumalo esibhedlela emhambisele izipho.
Uthe bajabule kakhulu ngokuthi lama wele abelethelwe eR K kanti ngokujwayelekile bajwayele ukuthi omama abasesimeni sikaNksz Khumalo badluliselwe esibhedlela eKing Edward noma eNkosi Albert Luthuli Central.
Uthe kungokokuqala ukuthi lesi sibhedlela sibelethise umama obeletha amawele amane eminyakeni engu-54 sabakhona.
UDkt Ilunga Nsungu, ongudokotela obelethisayo kulesi sibhedlela, uthe izingane zikhula kahle. Wathi ingozi ekubelethiseni umama ozobeletha izingane eziningi kangaka ihlale ikhona, kudingeka ukuthi udokotela acophelele kakhulu abheke izifo ezingadala ingozi kumama okungaba ukwehla nokwenyuka komfutho wegazi okungadala ingozi uma esehlinzwa.
“Uma izingane sezizelwe kufanele kuqashelwe amagciwane,” kusho yena.