UKWENGEZWA kwemibhede engu-36 esibhedlela saseGauteng, iTembisa, kuzokwenza omkhulu umehluko ezigulini ezisebenzisa lesi sikhungo sezempilo sikahulumeni.
Ukwengezwa kwemibhede kube yimpumelelo ngemva kokuthi iDA ikhalaze ngokuhlukumezeka kweziguli ezisebenzisa lesi sibhedlela.
Ngaphambi kokwengezwa kwemibhede okuthiwa izofakwa ewodini elibizwa ngokuthi yi-Alternative Building Technology (ABT), lesi sibhedlela besibhekene nenkinga yokuba nomthamo weziguli omningi, esingakwazi ukumelana nawo.
Kuthiwa lokhu bekuze kuholele ekutheni iziguli zidedelwe ukuthi zigoduke ziyolulamela emakhaya isikhathi singakavumi.
Kuthiwa kwezinye izikhathi lokhu bekuholela ekutheni ezinye zalezi ziguli zithi zifika emakhaya, zibe zidlula emhlabeni ngoba bezisuke zingakasindi kahle.
Phakathi kwazo kukhona uNkk Mantoa Letitia Mokoena (65) okuthiwa ungomunye wabantu abathi befika ekhaya, bashona ngenxa yakho ukuthi bakhishwe esibhedlela besagula.
Oyinhloko yeDA eningizimu yeTembisa, uNksz Refiloe Nt’sekhe, uthe kuyabajabulisa ukuthi iziguli zizothola usizo oluphucukile oluzifanele kulandela ukunqoba kwabo impi yokuthi kwengezwe imibhede.
Uthe sekuyiminyaka lesi sibhedlela sibhekene nenkinga yokugcwala ngokweqile kulandela ukuvalwa kwesibhedlela esingumakhelwane, iKempton Park ngo-1996. Lesi sibhedlela kuthiwa savalwa ngaphandle kokubekwa kwezizathu.
“Abantu baseKempton Park, abaseTembisa nezindawo ezingomakhelwane, sebehlukumezeke kwanela ngenxa yezinga eliphansi losizo abaluthola kulesi sibhedlela (iTembisa). Ukwengezwa kwemibhede engu-36 kuyisinyathelo esifanele soMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe. Yize kunjalo, kusekuningi okusafanele kwenziwe kusona ukuze sishintshwe sibe sezingeni eliphezulu,” kusho uNksz Nt’sekhe.
Uqhube wathi bayakuqaphela ukuphawula kukaNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo eGauteng, uNkk Nomantu Nkomo-Ralehoko, olokhu eqhubeke njalo nokwenza izethembiso zokuthi kuzobuyiswa isibhedlela iKempton Park.
“Njengoba le nkulumo isiphinde yavela, sifuna ukubona imiphumela, hhayi izithembiso ezingafezekiswa,” kusho yena.
Uphethe ngokuthi bazolokhu beqhubeke njalo nokufaka ingcindezi eMnyangweni ukuthi siphinde sivulwe isibhedlela saseKempton Park ngesikhathi kuqhubeka ukuphuculwa kwesimo eTembisa.