IGCAGCELE esokeni kwabezikole ezifundisa ukushayela KwaZulu-Natal, ngemva kwesimemezelo soMnyango wezokuThutha esifundazweni sokwethulwa kohlelo oluzofundisa luphinde, luhlinzeke abantu abangu-3 000 ngamalayisense okushayela azokhokhelwa yiwona.
UMnuz Mzwandile ‘MG’ Zondi, okhulumela inhlangano yezikole ezifundisa ukushayela iKZN Ubumbano Driving Schools Operators Association, uthe bese kunesikhathi eside bengabanikazi balezi zikole belinde ukutakulwa ngoba ubhubhane iCovid 19, lwashaya kwazelwa kubo.
“Sesiqala ukuba nobudlelwane obuhle nohulumeni wesifundazwe. Sihlanganile nawo basichazela ngohlelo futhi saluthakasela kakhulu. Luzohlomulisa izikole ezifundisa ukushayela ezisemthethweni esifundazweni ezibhalise ngaphambi kuka-2018 ngoba yizona okwamanje esingaqinisekisa ukuthi zinezitifiketi ezibizwa ngama-Yellow Certificate.
“Ubuholi banquma ukuthi zonke izikole ezivulwe ngaphambi kuka-2018 zilethe amaphepha azo asemthethweni, zafakwa ohlwini olwahanjiswa emnyangweni kwadluliselwa kuzo izitifiketi. Kwathiwa kusuka ngaleso sikhathi kuzoke kume kancane ukuvumeleka kokubhalisa kwezikole ezintsha ngakho isikole esibekhona emveni kwalowo nyaka asithathwa njengesisemthethweni, ngeke sihlomule kulolu hlelo,” uchaze kanje uZondi.
Ubekhuluma neSolezwe emva kokuthi uNgqongqoshe womnyango uMnuz Sipho Hlomuka, esithangamini nabezindaba izolo, eThekwini, ememezele ukuthi kuzokethulwa ngokusemthethweni uhlelo emasontweni ambalwa azayo, olubizwa ngeThuthuka Driving Skills Programme.
UHlomuka ubuye wacacisa ngezinhlelo zomnyango wakhe njengoba kuqale inyanga eyaziwa ngeyezokuthutha, u-Okthoba.
Uveze ukuthi kulolu hlelo kuzofundiswa abantu, emkhakheni ehlukene baphinde bahlinzekwe ngezincwadi zokushayela kusukela ku- Code 8 (B), Code 10 (C1) no-Code 14 (EB/EC)
“Akuzukukhethwa ngeminyaka uma sekuqala lolu hlelo, nabaneminyaka eyevile ku-35 bazovumeleka ukufaka izicelo zokuba yingxenye yalo. Lokhu kuyingxenye yokwakha amathuba emisebenzi ngoba siyazi ukuthi abantu uma benezincwadi zokushayela banamathuba angcono okuqasheka,” usho kanje uHlomuka.
Ugcizelele ukuthi lokhu kuzodala amathuba emisebenzi futhi kungase kube yisixazululo esihlaveni sokuhlaselwa kwabashayeli bamaloli okubukeka kudlanga. Wathi esikhathini esiningi abantu bakholwa wukuthi abashayeli bamaloli amakhulu athutha impahla, iningi labo abokufika.
“Emva kokuthi sebeqeqeshiwe, sizoxhumana nabezinkampani zamaloli ukuqinisekisa ukuthi bayaqashwa ukwehlisa isibalo sabashayeli abaqhamuka emazweni angaphandle abenza lo msebenzi,”kusho uHlomuka.
Ngodaba lwezingozi emgwaqweni iningi lazo okusolakala ukuthi zidalwa abamaloli, uthe sebenxuse amaphoyisa ukuthi ayiqaphe ngelokhozi olwamaloli ikakhulu emgwaqweni u-N3, lapho kunezingxenye zomgwaqo ezilungiswayo, ukuqinisekisa ukuthi bashayela ngendlela efanele.