INKOSI yesizwe sakwaMbuyazi inxusa ukuthi kube nobumbano nokusebenzisana esizweni sayo emuva komsindo nomdonsiswano obukade ukhona ngesihlalo sobukhosi okugcine kuwona sekufakwana ezinkantolo.
Inkosi uMkhanyiseni Mbuyazi ikhulume kanje ngempelasonto embizweni kahulumeni, isizwe nomndeni wakaMbuyazi.
Kule mbizo uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ubekade ezokwethulela isizwe ezakamuva mayelana nesihlalo sobukhosi.
Inkosi ithe ukuze baye phambili kubalulekile ukuthi babuyele emuva ezinhlelweni zentuthuko yomphakathi ezazimile.
“Isizwe senkosi sinesifiso sokuthi kuqhubeke izinto zaso ebezikade zimile. Kuke kwabakhona ukushayisana emndenini, phakathi kwami nenkosana kababa ngesihlalo sobukhosi. Kodwa sesibuyisene kwezinye izindawo,” kusho inkosi.
Bekuheleza umoya wobumbano nokuthula, abantu bejabule enkundleni yezemidlalo eMankwathini, KwaMbonambi, ngesikhathi kuqhubeka imbizo.
Bekukhona amabutho eviliyela nezintombi nto, zisina kukuhle kudelile.
Kuthiwa iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu yavuna inkosi esesihlalweni ukuthi kube iyona enelungelo lokuba sesihlalweni sobukhosi bakwaMbuyazi.
Lolu daba kuthiwa selubuya naseNkantolo ekuDluliselwa kuyo amaCala, eBloemfontein. Nyankenye, ngoJuni 2, kubikelwe uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ukuthi udaba seluphothuliwe enkantolo.
UZikalala uthe ukuphela kokungaboni ngasolinye obese kuqhubeke isikhathi eside ngesihlalo sobukhosi, kuzoletha ukuthula futhi kulethe nezinhlelo zentuthuko endaweni.
“Uma lungekho uzinzo, ayizoba bikho intuthuko futhi abantu baKwaZulu-Natal bayohlezi bedonsa kanzima, beyizisulu zendlala, ukungalingani nokungasebenzi,” kusho uZikalala.
Uqhube wathi, manje sekuyisikhathi sokuthi isizwe sakwaMbuyazi sibumbane, sakhe kabusha ubudlelwano, sikushiye emuva okudala futhi seseke inkosi esesihlalweni.