KWENZEKE okungajwayelekile eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, izolo, ngesikhathi umndeni kamufi ujabulela ukukhishwa ngebheyili kukasingababa osolwa ngokudlwengula abulale ingane eneminyaka eyisithupha.
UMnuz Senzo Dlamini (52), ongusingababa kaSenamile “Aphula” Sphengane, isidumbu sakhe esatholakala silahlwe esikhotheni ekuqaleni kwenyanga edlule, ukhishwe ngebheyili kaR5 000.
U-Aphula wanyamalala kade ebuka ithelevishini nesoka likamamkhulu wakhe egumbini lokuphumula. Ngaleso sikhathi umamkhulu yena wayecambalele ekameleni, kanti unina kamufi wayesaye esitolo sendawo.
Emva kokubonakala ukuthi umufi unyamalele, kuthiwa wacingwa yonke indawo kodwa wangatholwa. Kuthiwa kwabikelwa amaphoyisa, ayalela umndeni ukuthi awuqhubeke umcingisise.
Ngakusasa, isidumbu sakhe satholakala kude buduze nakubo, sinezibazi zokuklinywa futhi kukhombisa ukuthi udlwenguliwe.
Isoka likamamkhulu kamufi ngaleso sikhathi kuthiwa latshela umndeni ukuthi uphume endlini ethathwa ngenye ingane elingana naye, elingayinakisisanga kwazise lisanda kufika endaweni.
Ezinsukwini ezimbalwa emva kwalokho, umphakathi kuthiwa walibamba liphethe umuthi namakhandlela ligeza endaweni yesigameko. Kuthiwa wathi uma ulibuza umphakathi, lathi likhipha amabhadi, umphakathi wavuka umbhejazana walishaya, wabiza amaphoyisa.
Kuthiwa emva kwalesi siwombe, lasishintsha isitatimende salo, lase lithi ingane ithathwe ngusingababa wayo, nokwaholela ekutheni kugcine kuboshwa usingababa.
Phakathi kwemibandela ekhishwe yiMantshi, u-Ashwin Singh, kusingababa uDlamini, ukuthi ahambe asayine kathathu ngesonto esiteshini samaphoyisa iCato Manor, angayishintshi indawo yokuhlala, aqhubeke ahlale eMayville, angaxhumani nofakazi woMbuso obeyisoka likamamkhulu kamufi, angaxhumani nonina wengane, akahambi KwaZulu-Natal, futhi angasusi uthuthuva emphakathini.
Elinye ilungu lomndeni ka-Aphula ebelisenkantolo kodwa elicele ukungadalulwa, lithe uDlamini ubhecwa ngobubende inyama engakaze ayilokothe.
“Umuntu okufanele ingabe uboshiwe wuye u…(egagula obeyisoka likamamkhulu kamufi). Nguye okufanele ingabe uvalelwe ngaphakathi, hhayi uDlamini ngoba akenze lutho,” kusho ilungu lomndeni.
Lithe ukushintshashintsha kwezitatimende zalo obeyisoka likamamkhulu yikho okwenza bashaye amakhala ngobufakazi bakhe obufake usingababa ejele.
Liqhube lathi uDlamini ungumuntu onenhliziyo enhle futhi obenobudlelwano obuhle nomufi nomndeni wonke kusukela behlangana nonina kamufi, uNksz Smangele Sphengane, eminyakeni embalwa edlule, lathi umuntu abangenamlando naye uye lo osephenduke ufakazi woMbuso obeyisoka likamamkhulu kamufi.
NgoMsombuluko, kwethule ubufakazi uNksz Sbusisiwe Nduna, ongumamncane kamufi, obenikezela ubufakazi obuthi umsolwa (uDlamini) umsulwa, kufanele anikwe ibheyili.
Izolo, obenikezela ubufakazi umphenyi wecala uSergeant Godfree Goss, uveze ukuthi zingamampunge izinsolo zokuthi ufakazi wabanjwa egeza endaweni yesigameko, wathi umphakathi wamthola ephethe isiwasho namakhandlela ezibuyela kumfundisi wakhe, hhayi esendaweni yesigameko.
Uthe umsolwa akumele anikwe ibheyili ngoba uzobaleka njengoba enomndeni eGoli, kanti angase asuse uthuthuva emphakathini kwazise uthola ukwesekwa okukhulu emphakathini.
Uphinde wathi ufakazi angase azithole engaphephile uma umsolwa ekhishwa njengoba umphakathi ukwaze ukumshaya, umsola ngokuthi uye onolwazi ngokufa kuka-Aphula.
Kodwa la maphuzu kaSerg Goss achithiwe ummeli kaDlamini, uNkk Nonkululeko Ndlovu, ethi ufakazi uhlaselwe wumphakathi engekho uDlamini, lapho okusho ukuthi ukuvalelwa kwakhe ngaphakathi akunasisindo.
IMantshi uSingh nayo ngesikhathi isikhipha isinqumo sayo ithe ukuqhubeka kuvalelwe uDlamini ngaphakathi ngabe kuwukumcindezela okungenasidingo.
“Ubufakazi obusalethwe ngaphambi kwenkantolo njengamanje abuqinile. Kusalindwe imiphumela yolibofuzo, ukuhlolwa kwesidumbu nezithombe ezathathwa endaweni yesigameko, okuyikho okuzoveza ukuthi ubani othintekayo ekubulaweni kukamufi phakathi kukaDlamini nofakazi ngakho kungaba ukumcindezela ukugcina ngaphakathi uDlamini,” kusho imantshi.
Icala lizobuyela lule nkantolo ngo-Ephreli 18.