UMZALI wesitshudeni esizofunda unyaka wokuqala eDurban University of Technology (DUT), eThekwini, uthi ujabule kakhulu ngengane yakhe engenye yezitshudeni ezizofunda kule nyuvesi nonyaka.
UDkt Hlengiwe Ndlovu waseGoli, ongunina kaSimphiwe Ndlovu, uthe nakuba bekungelula ukuhlukana nengane yakhe, ikakhulu ngoba isencane ngeminyaka, kodwa bekubalulekile ukuyiyeka ifundele into eyithandayo.
“Uqale esemncane kakhulu esikoleni. Ngokukhalipha kwakhe washeshe waqeda. La eDUT uzokwenza izifundo ze-Architecture, okuwumkhakha akhombise izimpawu zokuwuthanda esesesikoleni.“
Nakuba bengingathanda ukuthi afunde eGoli eduze kwami, futhi amukeliwe nakweminye imikhakha yemfundo ephakeme kodwa ngibone kukuhle ukumyeka enze into ayithandayo yize bengingafuna abe seduze kwami.
Ngijabulela ukuthiuzokwenza into ayithandayo,” kuchaza uDkt Ndlovu ofundisa eWits University.
Isolezwe lizamile ukuxoxa nalesi sitshudeni ebesigajwe ngamahloni, kubonakala ukuthi sijabule, savuma ukuthwetshulwa simi nonina kuphela.
Iphini likashansela waseDUT, uSolwazi Thandwa Mthembu, lithe sebekulungele ukwamukela izitshudeni ezingaphezu kuka-8 000 ezizokwenza unyaka wokuqala kulesi sikhungo.
“Sizoqhubeka nokunikezela ngemfundo yethu esezingeni eliphezulu, engagcini ngokusiza izitshudeni ngolwazi lwezikufundelayo, kodwa nangokuzicija ngamakhono ahambisana nayo.
“Sesibheke ngabomvu ukuqhubeka lapho esigcine khona nyakenye, ukucija izitshudeni ngolwazi oluzozisiza ukufeza amaphupho azo,” kusho uMthembu.
UMthembu udonse izitshudeni ngendlebe ukuthi zigweme ukuba mdibimunye nezitshudeni ezidala udlame inyuvesi.
“Into eniyizele eDUT wukuzofunda, ngakho ningavumeli lutho namuntuukunenzisa izinto ezizophazamisa ukufunda kwenu,” kweluleka uMthembu emcimbini obuhanjelwe nangabangazali bezitshudeni ezizofunda kule nyuvesi.
UDkt Hlengiwe Ndlovu waseGoli, ongunina kaSimphiwe, uthe nakuba bekungelula ukuhlukana nengane yakhe, ikakhulu ngoba isencane ngeminyaka, kodwa bekubalulekile ukuyiyeka ifundele into eyithandayo.
“Uqale esemncane kakhulu esikoleni. Ngokukhalipha kwakhe washeshe waqeda. La eDUT uzokwenza izifundo ze-Architecture, okuwumkhakha akhombise izimpawu zokuwuthanda esesesikoleni.
“Nakuba bengingathanda ukuthi afunde ngapha eGoli eduze kwami, futhi amukeliwe nakweminye imikhakha yemfundo ephakeme kodwa ngibone kukuhle ukumyeka enze into ayithandayo yize bengingafuna abe seduze kwami. Ngijabulela ukuthi uzokwenza into ayithandayo,” kuchaza uDkt Ndlovu ofundisa eWits University.
Isolezwe lizamile ukuxoxa nalesi sitshudeni ebesigajwe ngamahloni, kubonakala ukuthi sijabule, savuma ukuthwetshulwa simi nonina kuphela.
USekela-shansela waseDUT, uSolwazi Thandwa Mthembu, uthe sebekulungele ukwamukela izitshudeni ezingaphezu kuka-8 000 ezizokwenza unyaka wokuqala eDUT.
“Sizoqhubeka nokunikezela ngemfundo yethu esezingeni eliphezulu, engagcini ngokusiza izitshudeni ngolwazi lwezikufundelayo, kodwa nangokuzicija ngamakhono ahambisana nayo.
“Sesibheke ngabomvu ukuqhubeka lapho esigcine khona nyakenye, ukucija izitshudeni ngolwazi oluzozisiza ukufeza amaphupho azo,” kusho uSolwazi Mthembu.
UMthembu udonse izitshudeni ngendlebe ukuthi zigweme ukuba mdibimunye nemishungo yezitshudeni ezidala udlame inyuvesi.
“Into eniyizele eDUT wukuzofunda, ngakho ningavumeli lutho namuntu ukunenzisa izinto ezizophazamisa ukufunda kwenu,” kweluleka uMthembu emcimbini obuhanjelwe nangabangazali bezitshudeni ezizofunda kule nyuvesi.