INHLALISUTHI yoNyazilwezulu yethule iqembu elisha lepolitiki i-Africa Unite Congress (AUC), nomhlahlandela walo ngeSonto, eThe Octavia Boutique Hotel, eNanda.
Lezi zindaba ziqinisekiswe nguMnuz Mthokozisi Mbhele, obhalwe encwadini yesimemo esithunyelelwe ebantwini, benhlenhlwa ukuthi babe yingxenye yokwethulwa kweqembu.
UMbhele uthe kuyiqiniso ukuthi iqembu lisungulwe yinhlalisuthi yoNyazilwezulu, lizimele.
“Iqembu lisungulwe ngamaNazaretha ebambisene nomphakathi. Iqembu lizimele elingahlangene nebandla kodwa kungumgomo wethu ukuthi into esuke isungulwe ngaphakathi ebandleni, uma iyinhle siyeseke. Maningi amaNazaretha alesekayo iqembu, amanye awekho ngaphansi kwenkosi uNyazilwezulu. Akhona aseqinisekisile ukuthi azofika emcimbini wokwelethula iqembu lepolitiki,” kusho uMbhele.
Isimemo sidalula ukuthi wonke umuntu wamukelekile ukuthi abe yingxenye yokwethulwa kweqembu nomhlahlandlela walo kusuka ngo-10 ekuseni kusasa.
Elinye igama elivelile ngokusungulwa kweqembu ngelomeluleki wabameli boNyazilwezulu, uMnuz Lizwi Ncwane.
Ethintwa usiqinisekisile isimemo esisabalele sokwethulwa kweqembu ngeSonto.
“Iqembu akulona elebandla kodwa liqalwe amaNazaretha. Kulona kukhona izinhlaka ezehlukene, okungamakhosi esizwe, izinduna, abelaphi bendabuko kanti namanye amabandla ezinkolo ezahlukene ayingxenye yalo. Kukhona ngisho abamabandla ezinkolo zamazwe angaphandle,” kuchaza uNcwane.
Kubuzwa ukuthi uNyazi selubanikile yini isibusiso ukuthi bavule iqembu lepolitiki, uthe kulikhuni ukufaka umuntu omkhulu ngalolu hlobo endabeni yepolitiki.
“Sisazosicela isibusiso enkosini uNyazilwezulu. Noma ngabe ayivumi okokuqala, nokwesibili sizolokhu sicelile ngoba inkosi uNyazilwezulu lunguyise wabantu abaningi. Uma selufike usuku lokuthi siyocela isibusiso kubaba uNyazilwezulu, siyolinda ukuthi luze lusinike isibusiso,” usho kanje.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe naye uzwile ngeqembu lepolitiki elisungulwe ngamaNazaretha.
“Noma lisungulwe ngamaNazaretha kodwa alihlangene nebandla. Ibandla lisebenzisana nawo wonke amaqembu epolitiki ngoba nike nibone kufika wonke amaqembu eBuhleni. Uma bedinga isibusiso senkosi uNyazilwezulu, bekumele baqale kulona ngaphambi kokusungula iqembu. Ngeke uqale ukwakha ubaba wakho engakunikile isibusiso. Kodwa kungenzeka ukuthi bakhohliwe, ngeke ngibagxeke kakhulu ngoba basezingane,” kucacisa uMncwabe.