KUQUBUKE enye ingwijikhwebu ngokwehliswa kukasihlalo weNgonyama Trust, inkosi Thanduyise kaMpiyezintombi Mzimela. Ihhovisi leSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, lithi incwadi eyehlisa uMzimela esikhundleni ikokoteliwe.
Okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana u-Africa Zulu, uthe bafuna ukuthi kuphenywe kuphinde kuthathelwe izinyathelo labo abakokotele incwadi ebhekiswe kuNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube.
Le ncwadi yazisa uNkk Dube-Ncube ukuthi iSilo sesinqume ukwehlisa uMzimela esikhundleni sikasihlalo weNgonyama Trust, sase siqoka inkosi Mabhudu Israel Tembe, ukuba athathe isihlalo.
UMntwana u-Africa uthe iSilo sisabuthemba ubuholi bukaMzimela.
Uphawule kanje uMntwana u-Africa: “Siyitholile incwadi. Emva kokuyibhekisisa kahle le ncwadi esikuqaphelile ukuthi igcwele izinto ezingelona iqiniso njengokuthi iSilo sesiqoke ukwehlisa uMzimela, kwesikasihlalo weNgonyama Trust. Isilo sifisa ukukubeka kucace ukuthi kungamampunge lokhu okushiwo kule ncwadi. ONgangezwe lakhe ufisa ukuqinisekisa isizwe ukuthi usamile esinqumeni sakhe sokuqoka uMzimela ukuba abe ngusihalo weNgonyama Trust.”
UMntwana u-Africa uthe incwadi iyingxenye yemizamo yokudala uqhekeko kanye nokudideka.
“Kunabaphume umkhankaso wokudala ukudideka, lokhu bakwenza ngokuthi basabalalise izinto ezingesilona iqiniso.”
UMntwana u-Africa uqhube wathi bafuna ukuthi bathathelwe izinyathelo labo ababandakanyeka kulesi senzo.
“Kunezingxoxo ezikhona nezinhlaka ezifanele lapho sibhunga khona ngezinyathelo zomthetho okufanele zithathwe. Sifuna ukuthi lolu daba luphenywe bese kushushiswa izigebengu ezihudulela phansi igama leSilo.”
UMzimela uthe ukusabalala kwencwadi kudale ukudideka okukhulu esizweni.
Ubeke kanje: “Lolu daba luphakamise amaphaphu esizweni ngoba uma ukhuluma ngeNgonyama Trust, ukhuluma ngodaba oluthinta ukuphathwa komhlaba kaZulu. Abantu bayathuka uma kukhulunywa ngeNgonyama Trust.”
UMzimela uqhube wathi ngemva kokusabalala kwencwadi, iSilo simtshele ukuba aqhubeke nomsebenzi wakhe.
“ISilo sithe ngingaphazanyiswa yile nto eyenzekayo, sathi sizoyilungisa sona. Konke sengikushiyele kuso iSilo mina ngiyaqhubeka nomsebenzi wami.”
UMzimela waqokelwa kulesi sikhundla ngoMeyi wakulo nyaka. Ukuqokwa kwakhe kwasusa umsindo futhi kukholakala ukuthi yikhona okwenza ukuthi kube nokungaboni ngaso linye phakathi kweSilo, nondunankulu kaZulu osanda kushona inkosi Mangosuthu Buthelezi.
UButhelezi wayekholwa wukuthi kufanele lesi sikhundla sinikezwe umuntu onolwazi lomthetho.