UMNDENI kaBokgabo Poo uthole umthobanhliziyo kugwetshwa umsolwa obesanda kuwina icala lokubulala indodakazi
Uyise kaBokgabo utshele abezindaba ukuthi uthole ukuphumula ngalokhu okwenzekile.
“Yize kunengane ethole ubulungiswa ngokugwetshwa kwalesi sigilamkhuba futhi ngeke aphinde ahlukumeze ezinye izingane. Eyami ingane ayikabutholi ubulungiswa njengoba aphuma phambili ecaleni lokuyithumba nokuyibulala.
Uthe basazoqhubeka nokufaka isicelo sokuphikisa isinqumo esakhishwa yinkantolo.
UBokgabo owayeneminyaka emine walahleka ngo-Okthoba ngonyaka odlule. Ubufakazi be-CCTV babonisa uBokgabo ehamba epaki eMosoleng Park lapho ababedlala khona nomngani wakhe.
Ngosuku olwandulela ukulahleka kwakhe, umakhelwane oneminyaka engu63 wabona kuvela umlenze wengane ethuneni elincane.
Ngokuhamba kwesikhathi, kwatholakala ukuthi uBokgabo wadlwengulwa wabulawa wasikwa izitho zomzimba ezinye zagcina zingatholakalanga.
Kwaboshwa uNtokozo Zikhali ngecala lokubulawa kukaBokgabo, uZikhali uboshwa-nje ubebhekene nelinye icala lokuthumba nokudlwengula enye intombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye.
Abazali bakaBokgabo babenethemba lokuthi kuboshwe umuntu okunguyena yena, kodwa bathola ukuphoxeka ngesonto eledlule inkantolo imkhipha phambili uZikhali.
NgoMsombuluko, ijaji u-Ian Cox limthole engenacala ngesikhathi linqaba isicelo soMbuso sokufaka isitatimende sikafakazi owayekhona ngasikhathi umphenyi wecala elanda uZikhali esiteshini samaphoyisa eBoksburg.
“Kuleli cala, abukho ubufakazi obufakwe enkantolo obungaphoqa umuntu ocabangisisayo ukuba agwebe umsolwa ngala macala. Kungalesi sizathu inkantolo iwachtha amacala abekwe lumsolwa,” kusho ijaji likhipha isinqumo.
Ngemuva kwesinqumo senkantolo, unina kaBokgabo uTsholofelo watshela abezindaba ukuthi uthintwe ukhomishana wamaphoyisa eGauteng embikela ngokusungulwa kwethimba elisha elizophenya udaba lokubulawa kwendodakazi yakhe.
Namhlanje, unina kaBokgabo uthe ezobulungiswa zibenzela phansi abazali ababhekene nezimo ezifanayo.
“Uma umphenyi wecala engawenzanga kahle umsebenzi wakhe, umshushisi uzoliqula kanjani icala enkantolo. Konke lokhu kukhomba ukwehluleka kwengalo yomthetho.”
Uqhubeke wathi uphoxeke kakhulu ngokwenzekile ngoba ubelithemba iphoyisa ebeliphenya icala kodwa, ziningi izinto abazivezile angazange azilandele nakho ukuthi umsolwa akafakwanga ebhokisini waphekwa ngemibuzo.
Yize uZikhali ephume phambili kwelokudlwengula, ukuthumba nokubulala uBokgabo, uzithole esegaxela ngelinye icala.
Namuhla, uZikhali ugwetshwe udilikajele ngokudlwengula nokuthumba enye ingane. Leli yicala alivuma uZikhali kanti futhi wayengaphandle ngebheyili yaleli cala ngesikhathi eboshelwa elikaBokgabo.