SEKUQUBUKE enye ingwijikhwebu ecaleni eliyinzuyikazikeyi lenkohlakalo nokukhwabanisa elibhekene nowayengumengameli, uJacob Zuma.
Lokhu kuza ngemva kokuthi ijaji elihlalele icala elithethwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, iJaji Piet Koen, lidalule ukuthi licabanga ukushenxa esihlalweni sokulilalela.
Izolo uKoen wenze obekungalindelwe njengoba etshele inkantolo ukuthi ucabanga ukushenxa ecalemi eselihlehle kaningi. Uthe okuholele ekutheni acabange ukushenxa ukuthi kunezinto azisho phambilini ngecala wathi ukholelwa ukuthi zingenza abanye abantu bacabange ukuthi uchemile.
“Kufanele icala lihambe kahle, kungabi khona okuzokhonondisa.”
UKoen unxuse uMbuso nabameli bakaZuma ukuthi benze izethulo zokuthi bakubona kufanele yini ukuthi ashenxe ecaleni.
Izolo bekulindeleke ukuthi uKoen anqume ukuthi kuzoqhubeka yini ukulalelwa kwecala ngoba uZuma esaqhubeka nemizamo yakhe yokuphoqa ukuthi kushenxiswe u-Advocate Billy Downer, njengomshushisi omkhulu kuleli cala.
Kumanje uZuma ulufake eNkantolo yoMthethosisekelo udaba lokuthi kushenxe uDowner ngemva kokuthi izicelo zakhe zokushenxisa uDowner zachithwa nguKoen eNkantolo yamaCala aDlulisiwe.
UZuma usola uDowner ngokuchema. Phezu kwesicelo asifake eNkantolo yoMthethosisekelo, uZuma uphinde azishushisele yena mathupha uDowner nentatheli yeziko lezindaba elibhala ngesiNgisi. UZuma usola laba ababili ngokuputshuza ulwazi olunemininingwane eyimfihlo ngesimo sempilo yakhe. Icala lithethwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
NgoMsombuluko kwaba ncane indawo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu njengoba abameli bakaZuma noMbuso babephikisana ngokuthi ngabe kufanele yini kuqhubeke ukuqulwa kwaleli cala ekubeni singakaphumi isinqumo emacaleni afakwe uZuma.
Abameli bakaZuma bathe inkantolo kufanele ilinde kuze kuphothulwe amacala amabili afakwe uZuma. Ngakolunye uhlangothi uMbuso uthe akusafanele kubambezeleke ukuqulwa kwecala. UMbuso uthe sekuyisikhathi eside uZuma eqhamuka namaqhinga ehlukene okubambezela ukuqulwa kwecala.
Okhulumela inhlangano kaZuma engenzi nzuzo, iJG Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi, uthe bayasemukela isinqumo sikaKoen.
UManyi uthe bekungeke kube wumqondo ophusile ukuthi kuqhubeke ukuqulwa kwecala ekubeni engakaphothulwa amacala afakwe uZuma.
“UDowner uyazazi ukuthi ungummangalelwa wokuqala ecaleni elifakwe uZuma. Kuyamangaza ukuthi ajahe ukuthi kuqulwe leli cala ekubeni lingakaphothulwa elibhekene naye,” kuphawula uManyi.
Uthe bayasamukela nesinqumo sikaKoen sokucabanga ukushenxa ecaleni, wathi kunezinto azishilo ngecala ezimveza njengomuntu ochemile.
Icala lizobuyela enkantolo ngoJanuwari, 2023.