UKUNGAXHASWA ngemali eyenele koMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, kwenza ukuthi zingavalwa izikhala zodokotela ezisuke zivulekile.
Le nselelo ayigcini nje ngokuthi kungaqashwa odokotela kodwa yenza nokuthi lungavulwa uphiko lomama nezingane esibhedlela esisha iDr Pixley Ka Isaka Seme Memorial, KwaMashu.
UMphathiswa woMnyango uNksz Nomagugu Simelane, utshele amalungu esiShayamthetho ukuthi inkinga yemali yenza bangakwazi ukuvala izikhala zodokotela njengoba kukhona abangaqashiwe.
Uthe babalelwa ku-200 odokotela abangaqashiwe emnyangweni ekubeni kunezikhala.
“Noma sinazo izikhala ezingavaliwe kodwa iqiniso ngukuthi asikwazi ukuzivala ngenxa yokunconzulwa kwemali emnyangweni. Uma isikhala sivuleka, asibe sisakwazi ukusivala ngisho noma kuthiwa sishiywe ngumuntu obeqashwe ngokugcwele,” kusho uNksz Simelane.
Uthe lokhu kuyawudida umphakathi ngoba ukhala ngokuthi lowo muntu ohambile ubehlelelwe ukuthi uzowuthola umholo wakhe njengoba ubeqashiwe ngokugcwele.
“Siyaqhubeka nokuxoxa nomnyango kazwelonke mayelana nalolu daba. Siyakujabulela ukwesekwa ngumnyango kazwelonke, njengoba uNgqongqoshe ezama ukuthi sithole imali ethe xaxa njalo uma kuqala unyaka wemali,” kusho uNksz Simelane ngesikhathi lumnyango uvele ngaphambi kwekomiti elibhekele ukusebenza kwemali yomphakathi, iStanding Commitee on Public Accounts, esiShayamthetho muva nje.
Sekube nezikhawu lapho odokotela abangaqashiwe bemashele emnyangweni wesifundazwe, kanjalo nokazwelonke bekhala ngokungaqashwa.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke,uDkt Joe Phaahla, usanda kuveza ephendula imibuzo ePhalamende, ukuthi sebeziqalile izinhlelo zokuqasha odokotela.
UPhaahla uthe kodokotela ababalelwa ku-800 abakhala ngokuthi abasebenzi, abangu-270 sebeqashiwe ezweni lonke.
Inhloko yomnyango esifundazweni, uDkt Sandile Tshabalala, ithe sebeluqalile nohlelo lwe-e health ukuze imininingwane yeziguli itholakale kalula.
Ukhale ngokuthi kwesinye isikhathi abeduka amafayela eziguli ezikhungweni zabo.
Kulo mhlangano kuvele nokuthi uphiko lwezingane nomama alukasebenzi esibhedlela iPixley ngenxa yokuthi imali ayikho.
Kuvele ukuthi kudingeka uR146 million ukuze lolu phiko lusebenze.
Kubalulwe nokuthi kusasebenza ama-wodi angu-32 kuphela kulesi sibhedlela kwangu-38.
Usihlalo weScopa, uNkk Maggie Govender, uthe uphiko lomama nezingane esibhedlela iPixley lubaluleke kakhulu emphakathini ngakho kudingeka lubhekelwe uma kuvela imali.
“Umphakathi uludinga kakhulu lolu phiko ngakho kudingeka ukuthi lunikwe imali uma kwenzeka ivela. Siyazazi izinkinga ezibhekene nomnyango ngenxa yezinkinga zokunconzulwa kwemali kodwa ngqongqoshe nethimba lakho awugcini ngokukhala nje, wenza izinto zenzeke,” kusho uNkk Govender.