UKUNGABI namathuba anele kosomabhizinisi namaciko aselokishini, ngesinye sezizathu ezenze kwethulwa iClermont Arts and Flea Market (CAFM).
Lona ngumbukiso ozosiza intsha yaseClermont namaphethelo ukuyithuthukisa kwezamabhizinisi nokuziphilisa.
Umbukiso ungoNovemba 26, eChristianenburg Stadium, eClermont, ngo-8 ekuseni. Bawu ku-80 osomabhizinisi abazokhangisa ngemikhiqizo yabo. UMnuz Sipho Bhengu weSkomplazi Development Foundation esungule lo mbukiso owethulwe eSizakala Centre, eClermont Auditorium, ngoLwesithathu, uthe ngawo bahlose ukuvumbulula intsha yaselokishini ewosomabhizinisi abasafufusa nabasafuna ukuchuma.
“Lokhu sikwenza sinenkolelo yokuthi uma sibambisana, mkhulu umehluko esingawenza emphakathini, sifeze nenhloso yethu yokuthuthukisa intsha yasemalokishini enamakhono ehlukene futhi efisa ukudlondlobala kwezamabhizinisi,” kusho uBhengu.
Eqhuba uthe kabafisi ukuthi lo mbukiso uphelele eClermont kuphela, yingakho benike nabanye osomabhizinisi bakwamanye amalokishi ithuba lokuzokhangisa ngamabhizinisi abawenzayo.
“Baningi abantu abasha abanamabhizinisi ehlukene kodwa abangalitholi ithuba lokuzithuthukisa ngoba zimbalwa kakhulu izinhlelo ezifuze lolu. Yingakho nathi siphonsa itshe esivivaneni ukuze kube nomehluko emphakathini,” kuchaza uBhengu.
UNksz Nomfundo Qwabe wethimba elihlela umbukiso, uthe uzosiza kakhulu ukunqanda ukwanda kwezenzo zobugebengu emalokishini, ngokuthi unike abantu ikakhulu intsha ithuba lokuziphilisa nokuzithuthukisa kwekwenzayo.
“Lo mbukiso uzonika wonke usomabhizinisi oyingxenye yawo ithuba lokuziveza, aphinde ahlangane nabanye abantu abangamsiza adlondlobale kunoma yiluphi uhlobo lwebhizinisi alwenzayo,” kusho uNksz Qwabe.
UMnuz Chris Phili weClermont-KwaDabeka Tourism eyingxenye yabaxhasi balo mbukiso, unxuse abantu ukuthi baphelele ngothi babo kulo mbukiso. Uthe abagcini ngawo kuphela kodwa bazoqhubeka nezinye izinhlelo zokuthuthukisa intsha yasemalokishini.
Amathikithi okuwubuka abiza uR30 noR50 eWebtickets, noR80 esangweni. Kuyobe kunandisa uSimphiwe Shembe, Flymotion, Simo Nzama nabanye abaningi.