SEWUQALILE ukuthela izithelo ezinhle emiphakathini yasemakhaya umcimbi omkhulu wengoma ohlanganisa izigodi ezahlukene ngaphansi kwamadolobha amabili eZululand.
INGOMA umcimbi owengamelwe yiqembu lengoma Isixaxa saMahlabathi noNongoma. Leli qembu lakhiwe amaqembu amaningi aphume kwezinye izindawo nokugcina sekuphuma lo mcimbi minyaka yonke owasungulwa iNkosi Mangosuthu Buthelezi ngo-2006.
Ekuqaleni kwesonto, eDonsamahoho, oLundi, kuhlangane izigodi eziwu-25, kubhiklwa ingoma kanti okuhlaba umxhwele ukuthi kudilika amabhinca eGoli, azohlangana nawaKwaNongoma naseMahlabathini.
Lo mcimbi waminyaka wonke usuhlanganise ngisho izigodi ebezingabhekani kodwa manje sezingamathe nolimi ngenxa yothando lwesintu. Umgqugquzeli walo mcimbi, uMnuz Sizwe Zulu, uveze ukuthi kulo nyaka kwenzeke okwehlukile kwatheleka neNkosi yaKwaPhindangene, uZuzifa Buthelezi, umholi we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa kanjalo nemeya yaseZululand uMnuz Thulasizwe Buthelezi.
"INGOMA ikhule kakhulu kodwa idinga uxhaso ngoba uhulumeni ubengakaze ayihambele. Ukufika kwabaholi kusinikeze ithemba ngoba iMeya uButhelezi ikwaze nokuhlonza izinkinga zentuthuko esisalele kuzo. Kuwujabulise kakhulu umphakathi nokubona inkosi yesizwe inyathela okokuqala ngqa kule ndawo, nomholi uHlabisa wamukelwe kahle. Kuningi esingafisa ukukushintsha ngeNGOMA ngoba ayigcini ngokuhlanganisa umphakathi kodwa igqugquzela ukuthula nokubambisana," kusho uZulu.
INkosi uButhelezi iveze ukuthi kuyayijabulisa ukubona kuqhubeka umsebenzi owaqala uMntwana waKwaPhindangene osekhotheme.
"Ngifikelwa umunyu nokho ukuthi uMntwana akasekho ukuzibonela lobu buhle obungaka," kusho iNkosi yakwaButhelezi.
IMeya yeseZululand, uMnuz Thulasizwe Buthelezi, ithembise ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukuthi bayawuxhasa minyaka yonke lo mcimbi.
"Siyazi izindawo zamakhosi bezikhungethwe yizimpi, ukudilika kwezinsizwa eGoli zifike kunemcimbi efana nale emakhaya kwenza ukuthi zihlalisane kahle futhi zazane kangcono.
“Ingoma ngaphezu kokuba yenza izintombi nezinsizwa zivikeleke ezintweni ezingalungile kodwa iphinde ibasize ekuvocavoceni imizimba , bafundiswe nenhlonipho," kusho uButhelezi.
UMengameli weIFP, uHlabisa, uveze ukuthi uyawuthakasela kakhulu lo mcimbi njengoba uhlanganisa intsha nabadala. UHlabisa ubonge namagalelo oMasipala iZululand ukuqinisekisa ukuthi uyaqhubeka umsebenzi oshiywe wuMntwana waKwaPhindangene.