UHLELI lubhojozi umndeni wakaZulu, kwesaKwaBiyela, Obuka, kubonwa ngaphandle osolwa ngokubulala ngesihluku amalungu omndeni ahlaselwa ezilalele kubo wumsolwa owaziwayo okuthiwa wayecikwa ukwaliwa.
UNksz Simphiwe Zulu (33) nodadewabo uNksz Thandolwethu Zulu (20) bahlaselwe badutshulwa ngoNovemba, nyekenye besemzini wakubo, oseSidakeni khona Obuka.
INkantolo yeMantshi yaseMelmoth ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kukaMnuz Sibonelo Xulu (30) okusolakala ukuthi nguyena umbulali, okuvele ukuthi wayecikwe ukwaliwa uSimphiwe owayeselotsholwa uyise wezingane zakhe.
Ekhuluma neSolezwe uMnuz Michael Zulu oyinhloko yomuzi, uthe sekumphoqe ukuthi ame kancane emsebenzini, azohlala ekhaya ukuqapha izingane zakhe njengoba kuthiwa ikhona eyentombazane encane, ethola imiyalezo okukholakala ukuthi ivela kumsolwa, esabisa ngokuyenzakalisa.
“Udadewabo kaSimphiwe owuthisha eGoli, njengoba ubebuyile ekhaya, uthola imiyalezo ocingweni lwakhe efana ncamashi neyayitholwa umufi esongelwa ngokubulawa umsolwa ngaphambi kokuthi ahlasele. Lokhu kungethuse kakhulu ngoba kuyashiwo ukuthi uyabonaka ebusuku eyongena kubo, abhace emini, akakaboshwa,” usho kanje.
Uthe ngendlela umndeni osuhlalele ovalweni futhi ukholwa wukuthi amaphoyisa nawo ayesaba ukusondela kumsolwa njengoba echazwa ngokuba wumbulali ongenanembeza.
USimphiwe nodadewabo uThandolwethu, kuthiwa babesele nezingane kuphela kubo ngesikhathi abazali besemngcwabeni wesihlobo kwesinye isigodi, ngesikhathi umsolwa engqongqoza elawini likamufi efuna aphume ngenkani. Ngesikhathi umufi enqaba, kuthiwa umsolwa wangena ngewindi wadubula uSimphiwe kubuka udadewabo uThandolwethu nezingane, okuthe ememeza, ezama ukumshwelezela, umsolwa wajikela kuyena wamdubula. USimphiwe ushonele endaweni yesigameko, kanti uThandolwethu kuthiwa ushonele esibhedlela njengoba kwaba nguyena okwazile ukulandisa amaphoyisa ngakho konke okwenzekile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Lieutenant Nqobile Gwala, uthe umsolwa usagcwele amathafa, wathi kunxuswa noma wubani oseke wambona ukuthi abikele uSergeant Nzuza ku: 064 540 6911/ 035 450 8000 noma ashayele inombolo yamaphoyisa yokubika ngobugebengu ethi: 08600 10111