UHLALELE ovalweni umndeni wowesilisa wasoBhilweni, eKranskop, okuthiwa ubulawe wumakhelwane maqede wamkhipha iphaphu nenhliziyo, “wakudla” kwatholakala isibindi sakhe esilengise endlini yakubo okushiselwa kuyona impepho.
Umndeni kamufi, uMnuz Kwanele Mkhize (29), uthe emva kokubulawa komfowabo ngesihluku nawo usuyasongelwa njengoba kuthiwa usuthengelwe inkabi ukuthi iqhubeke nokuwubulala.
Isolezwe Ngempelasonto like labika ngalolu daba kodwa umndeni uzifikele mathupha emahhovisi aleli phephandaba uzocacisa ngokwenzeka. Uthe into eyenzeke kumfowabo iwuhlukumezile kakhulu. Uthe osekuphinda kwenze isimo sibe muncu kakhulu ukuthi nawo usuyasongelwa njengoba kuthiwa sekutholwe nenkabi ezoqhubeka nokuwubulala.
Osolwa ngokubulala uMkhize, uMnuz Asimethembe Mthembu naye kuthiwa ubulawe wumphakathi obumthungatha emva kwesigameko.
Lolu daba selusemaphoyiseni njengoba uConstable Thenjiswa Ngcobo, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal eluqinisekisile ukuthi luyaphenywa.
Uxoxa naleli phephandaba umndeni wakwaMkhize, uthe watshelwa ngabantu ukuthi umfowabo usetholakale ebulewe ebekwe endlini yangasese kwaMthembu endaweni.
“Umfowethu wayekwaMthembu kunomcimbi ngomhla ka 22 Okthoba. Sekuhlukanwa ntambama yena wasala namanye amalungu akhona kwaMthembu, kwakhona nomthuma ukuthi ayothenga ugwayi.
“Lalingekho icala ngokusala kwakhe ngoba vele singomakhelwane. Ngalobo busuku akafikanga ekhaya, kanti sizothola ngakusasa ukuthi ubulawe ebusuku watholakala komunye umuzi wakhona kwaMthembu.
“Thina size safika kwaMthembu ntambama ngomhla ka 23 Okthoba ngenxa yokuthi besisuka ezindaweni ezehlukene ngenxa yokusebenza. Safika khona sekukhona nomphakathi safica kuvele amathumbu kamfowethu nesandla endlini yangasese khona kaMthembu,” kusho umfowabo kamufi uMnuz Lindokuhle Mkhize.
Ulandisa lo mndeni, uthe ngesikhathi sekufika amaphoyisa akhipha isidumbu sikamfowabo endlini yangasese kwase kulandelwa igazi elaliwaholela endlini yempepho kwaMthembu.
“Ngaphakathi endlini safica kulengiswe isibindi sikamfowethu phezulu sinocezu lwenhliziyo, kukhona izicubu ezingekho njengephaphu nenkaba.
Omunye okuthiwa wayekhona ngesikhathi kubulawa umfowethu uveze ukuthi iphaphu lakhe nenhliziyo bakudla.
Lokho kuthiwa kwakungumyalelo kaMnuz Asimethembe owathi abalidle iphaphu lakhe nenhliziyo ukuze angabapokeli umfowethu.”
Kuthiwa emva kwalesi sigameko, osolwa ngokuba umbulali, uMnuz Asimethembe Mthembu, okutholakale umufi kubo, uke wabonakala egqoke i-jacket namateku kamufi ngaphambi kokuba atholakale. Emva kwalokho kuthiwa unyamalalile kanti kunomuzi asecashe kuwona khona endaweni.
INkosi yendawo uMpendulo Cele kuthiwa wacela izinduna zezinsizwa ukuthi zihlanganise umphakathi ukuze kuthungathwe u-Asimethembe khona ezoyiswa emaphoyiseni.
Ngesikhathi etholwa kuthiwa umphakathi wavele wamngenela ngenduku waze washona. Ngaphambi kokushona kuthiwa akavezanga ukuthi umbulaleleni uMkhize kodwa okuvelile ukuthi izicubu zomzimba beziyodayiswa eGoli ezinye zidliwe.
Kuthintwa iNkosi uCele, ithe: “ Lolu daba sekungolwamaphoyisa kodwa nami kunomhlangano womphakathi engiwubizile enkantolo yesizwe ukuzokhuza lo mhlola.
“Kulo mhlangano ngizokweluleka abantu ukuthi ingaqhubeki into enje ngoba yimbi kakhulu futhi iyaqala ukwenzeka endaweni.”