UHLALELE ovalweni umndeni wakwaBhengu, eMlaza kwaM emuva kokudutshulwa kubulawe amawele ezinyangeni ezimbalwa ngokwehlukana.
Esehlakalweni sakamuva esenzeke enkathakusa ngoMgqibelo, kudutshulwe amahlandla amahlanu kwabulawa uMnuz Thabiso Bhengu (40).
Kuthiwa uBhengu ungenelwe abantu abangaziwa elele endlini yakhe engaphandle komuzi wakubo bamdubula.
Iwele likaBhengu, uMnuz Thabani Bhengu, owayeyiHOD ekolishi iCoastal kwaBB eMlaza, kuthiwa nalo ladutshulwa amahlandla amahlanu ngo-August wonyaka odlule lisemzini walo ose-Adams Mission, eThekwini.
Kuthiwa izigilamkhuba zantshontsha imoto kamufi nezinye izimpahla zakhe zashaya zachitha, okuze kube manje akukatholakali.
Kuthiwa isehlakalo sakamuva sifake amanzi emadolweni amalungu akulo mndeni kwazise abekade esazikhotha amanxeba efuna ubulungiswa ngesehlakalo sangonyaka odlule.
Ilungu lalo mndeni, elicele ukuba ligodlwe igama lalo ngoba lisabela impilo yalo, lithe bayesaba ngoba abazi ukuthi ubani olandelayo.
Leli lungu licele usizo kwabezomthetho ngokuthi kusheshiswe uphenyo ngalezi gameko zokubulala bese kuboshwa abasolwa.
“Wonke umuntu emndenini uhlalele ovalweni, kwazingane ezincane ziyabuza ukuthi kuqhubekani. Kwathina asinazo izimpendulo. Asazi nokuthi kuqhubekani ngophenyo mayelana nesigameko sokubulawa kukaThabani e-Adams,” kusho leli lungu lomndeni ngosizi.
Kubikwa ukuthi kuqale kwabonakala imoto engaziwa izulazula eduzane nakubo kamufi ngoMqibelo ngaphambi kokuthi asocongwe.
Ilungu lalo mndeni liveze ukuthi iwele elidutshulwe kamuva lishone kade lifuna izimpendulo nobulungiswa ngokushona kukamfowabo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uziqinisekisile izigameko zokusocongwa kwala madoda angamawele.
ULt Gwala uthe amaphoyisa ayaphenya mayelana nokusocongwa kwala madoda ezehlakalweni ezimbili ezehlukene futhi ayikaziwa imbangela yokubulawa kwawo.