MHLENGI SHANGASE
SEKUSEMAGATSHENI e-ANC KwaZulu-Natal, ukuthi akhethe abaholi ababafuna ezikhundleni eziphezulu zokuhola le nhlangano kuzwelonke njengoba ubuholi esifundazweni buvule ithuba lokuthi axoxe aphinde aphakamise lawa magama.
SEKUSEMAGATSHENI e-ANC KwaZulu-Natal, ukuthi akhethe abaholi ababafuna ezikhundleni eziphezulu zokuhola le nhlangano kuzwelonke njengoba ubuholi esifundazweni buvule ithuba lokuthi axoxe aphinde aphakamise lawa magama.
Leli thuba livulwe namhlanje kanti livalwa kusasa njengoba kubhekwe engqungqutheleni ka-55, yokukhetha ubuholi eNasrec, eGoli, ngoDisemba.
UNobhala we-ANC esifundazweni uMnuz Bheki Mtolo, uthe bathumele umyalezo konobhala bezifunda bebazisa ngokumele kwenziwe ukuze kuqhanyukwe nomkhombandlela ngamagama abazowaphakamisa kule ngqungquthela.
Uthe bazazisile izifunda ukuthi kumele kubanjwe imihlangano yamagatsha ukuze akhethe abaholi.
“Siwanike amagatsha kusuka ngoMsombuluko (namhlanje) kuze kube uLwesibili (kusasa). Zonke izifunda kumele zilethe izethulo ehhovisi likanobhala ngemibiko ezobe iqhamuka kuwona wonke amagatsha.”
Uthe le mibiko kumele ichaze ngokubhungiwe nokuthi isimo besinjani.
“Sifisa ukukhumbuza zonke izinhlaka zethu ukuthi amagatsha iwona anamandla nezwi lokuthi afunani. Yingakho sifuna kube yiwona azonquma ngabaholi.”
Uthe balindele ukuthi kule mihlangano kube nokuzwana amandla ngokwemibono.
“Kumele amagatsha asazise ukuthi iziphi izinto okumele zenzeke njengoba abaholi kumele balandele umyalelo wawo. Yisikhathi sokuthi abaholi benze lokho okushiwo ngamagatsha.”
Uthe izifunda kumele zithumelele ihhovisi likanobhala nge-email ku:[email protected], umnqamulajuqu ungoLwesithathu, ngoSepthemba 21, 2022.
Kwenzeka lokhu nje, izifundazwe eziningi seziphumele obala ngokuthi zifuna uMengameli Cyril Ramaphosa athathe ihlandla lesibili.
Izifundazwe okubalwa iGauteng, Eastern Cape, Limpopo, Mpumalanga, North West neNorthern Cape, zeseka uRamaphosa.
Lesi sifundazwe neFree State, azikanqumi ukuthi zizomeseka yini uRamaphosa.
Abaholi bakulesi sifundazwe oDkt Nkosazana Dlamini Zuma noDkt Zweli Mkhize, kubukeka bezongenela umbango wokuhola le nhlangano, babangise uRamaphosa ekutheni athole ihlandla lesibili. Negama likaNksz Lindiwe Sisulu liyavela kwabazobangisa uRamaphosa.
Baningi abaholi osekuqalile ukukhuluma ukuthi bazongenela umbango wokuba yiphini likamengameli njengoba kuvela amagama oMnuz Ronald Lamola, Oscar Mabuyane, Mmamoloko Kubayi, Paul Mashatile, David Mabuza nabanye.
Kwesikanobhala-jikelele kuvela igama likaMnuz Mdumiseni Ntuli obengunobhala we-ANC esifundazweni, noMnuz Fikile Mbalula.
Kwesephini likanobhala kuvela igama likaNksz Nomvula Mokonyane, noDkt Gwen Ramokgopa, kwesikamgcinimafa kuvela igama lokhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe, Andile Lungisa, Mzwandile Masina kanti kwesikasihlalo kuvela igama likasihlalo uMnuz Gwede Mantashe, Dkt David Masondo namanye amagama.