INHLOKO yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Nathi Ngcobo, uthe ingama nse imfundo uma kungase kudilizwe othisha esifundazweni nakuba bebhekene nenkinga yesabelomali esingenele.
UNgcobo uthe akekho kuleli nasesifundazweni ongaseka lo mbono wokudiiza othisha ukuze bahambisane nesabalomali abanaso.
“Sibhekene nengwadla ngoba noMgcinimafa kulo nyaka mali akazange asifakele ngisho isenti lokuthi sikhokhele othisha ngokwesivumelwano sabasebenzi esasayinwa. Noma kuthiwa imali awunayo awukwazi kodwa ukungakhokhi noma ungayinyusi imali ngoba kumele abantu bahole,” kusho uNgcobo.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi umnyango uvele ngaphambi kwekomiti elibhekele ukusebenza kwemali yabakhokhi bentela iScopa esiShayamthetho.
UNgcobo uthe u-90% wesabelomali somnyango uya emaholweni abasebenzi.
“Incane imali esalela ezinye izinhlelo. Noma uthi unciphisa imali kwezinye izinhlelo, leyo mali iya emaholweni abasebenzi.”
Uthe umkhakha wezemfundo udinga ukuba nabasebenzi ngokwesibalo sabafundi ezikoleni.
Usho lokhu nje umnyango uke wasikaza ukunciphisa ngokudiliza othisha ngenxa yengcindezi obhekene nayo ngasemalini.
Kulo mhlangano kukhalwe ngemali eyevile kuR300 million, ekweletwa abasebenzi abanye asebashona, abanye sebathatha umhlalaphansi.
UNgcobo uthe enye yale mali yakweletwa eminyakeni edlule.
“Ngenxa yesabelo asikwazi ukuvala izikhala ezibalulekile emnyangweni. Kokunye kuthatha isikhathi eside ukuvala lezi zikhala ngenxa yayo inkinga yemali,” kusho uNgcobo.
UNgqongqoshe womnyango uNkk Mbali Frazer, ukhale njengoNgcobo wathi abakwazi ukugcwalisa izikhala ezibalulekile emnyangweni ngenxa yesabelomali.
Ukhale ngokuthi badinga ukwandiselwa imali ukuze bakwazi ukuhlangabezana nazo zonke izidingo zomnyango.
“Siphila ngesikweletu ngoba sisebenzisa imali esingenayo. Sisebenzisa imali engakangeni ngisho kwi-akhawunti yethu.”
UNkk Frazer uveze ukuthi bane-overdraft ebalelwa ngaphezu kukaR900 million.
Amalungu eScopa akhale ngokuthi kungaguquka isifundazwe uma kungukuthi lo mnyango uwa bhu phansi ngenxa yezinkinga zesabelomali.
Aveze ukuthi umgcinimafa wakubeka kwacaca ukuthi ngeke uwufake uchatha ngenxa yesimo somnotho ngakho iminyango kumele iyihlwaye ezinhlelweni zayo imali ngoba kayikho.