INDUNA yaseMdletsheni eHluhluwe iphonse inselelo kuziphathimandla zikamasipala waseBig Five Hlabisa ngaphansi koMkhanyakude ukuba kuqashwe onogada abazoqapha izakhiwo zomphakathi.
INduna uMnuz Ndabazamanina Mdletshe ikusho lokhu emcimbini wokuvula kwehholo lo mphakathi ku-Ward 10 muva nje, lapho kugqame khona isikhalo ngezikhungo zikaHulumeni ezicekelwa phansi ngabatshontsha impahla.
"Siyayizwa indaba yokuthi umphakathi kumele ugade leli hholo ukuze lihlale lisesimeni, kodwa esikhala ngakho ukuthi akube nonogada abaqashwe umasipala baholelwe. Lokho kuzosiza ekutheni kunqandwe izigebengu ," kusho uMdletshe.
Uthe ziningi izakhiwo zikaHulumeni esezicekelwe phansi ngenxa yokuthi azinabo onogada .
Kumanje umasipala waseBig Five Hlabisa uphoqeleke ukuba ukhokhe imali engu-R15 million ukuze kwakhiwe kabusha inkundla yezemidlalo eyayenzelwe imidlalo yendebe yomhlaba ka-2010.
Le nkundla okuyiNkosi Nkanyise Sports field, iseNhlwathi kanti igcine isiyidlelo lezinkomo nezimbuzi ngoba yacekelwa phansi kwebiwa yonke ingqalasizinda yayo.
IMeya waseBig Five Hlabisa, uMnuz Comfort Khumalo uthe umphakathi kubalilekile ukuba uzibambele mathupha ukuqinisekisa ukuthi izakhiwo zentuthuko azicekelwa phansi.
"Siyanxusa ukuba umphakathi ubambisane nathi ekutheni lezi zakhiwo zingacekelwa phansi. Sicela nokuthi abenzi bobubi bahanjiswe emaphoyiseni ukuze iphele lento yokucekela phansi izikhungo zomphakathi," kusho uKhumalo.
Umphakathi ukushayele ihlombe ukwakhiwa kwaleli hholo ngoba uthi usuzokwazi ukubambela imihlangano kulo neminye imibuthano yesizwe.