BEYINGAPHANDLE ngoshwele onikezwa iziboshwa ngecala lokubula nelokweqa ejele indoda esolwa ngokusoconga abantu abangu-18 isebenzisa i-AK47 eNgobozana eLusikisiki.
Lokhu kuvezwe uphiko lezokushushisa iNational Prosecuting Authority (NPA) e-Eastern Cape emuva kokuvela enkantolo yeMantshi yaseLusikisiki kukamsolwa, uSiphosoxolo Myekethe (45).
Okhulumela iNPA e-EC, uMnuz Luxolo Tyali uthe umsolwa uboshwe ngoMsombuluko kubo elokishini eMthimde, eMfengwinini khona eLusikisiki.
“Ukuboshwa kwakhe kuva emva kokudubula okwenzeke ngo-Septhemba 28, 2024 emzini emibili eNgobozana eduzane kwedolobha laseLusikisiki. Kwabulawa abantu abangu-18 abanye abahlanu balimala,”kusho uTyali.
Enkantolo uMyekethe ucele ukutholelwa ummeli wamahhala wakwaLegal Aid Board futhi wakhombisa zisuka ukuthi uzolisebenzisa ilungelo lakhe lokufaka isicelo sebheyili.
Nayo i-NPA ithe ikhombisa zisuka amadaka yathi izophikisana nokuthi uMyekethe, osolwa ngokusoconga inqwaba yabantu, adedelwe ngebheyili.
“Lendoda seyike yalahlwa amacala amabili okungelokubulala nelokweqa esitokisini. Iboshwa nje beyikade ingaphandle ngoshwele onikezwa iziboshwa ngecala lokubulala,” kusho iNPA.
Icala lihlehliselwe uLwesibili ngesonto elizayo njengoba kusenziwa uphenyo ngamacala alendoda futhi kulindwe umbiko woMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo mayelana noshwele onikezwe uMyekethe.
INPA ithe ngalolu suku umsolwa kungenzeka afake isicelo sebheyili.