BASALE bedidekile othisha basesikoleni esizimele saseTugela Ferry, eMsinga iLobathal Independent Combined ngemuva kokuholelwa o-R2 500.
Bakhala ngokuthi le nto ibehle ngaphezulu njengoba bedukuza ebumnyameni ngendlela okwenzeke ngayo. Ngokujwayelekile bathi bahola u-R12 500 nyanga zonke. Bangu-15 sebebonke othisha kulesi sikole.
Isolezwe lithole ukuthi lesi sikole sasungulwa yibandla iRock of Life. Kuvela ukuthi othisha bahola ngemali ekhokhwa ngabazali nyanga zonke. Siqala kuGrade R size sifinyelele kuGrade 12.
Omunye walabo thisha ocele ukuba kugodlwe igama lakhe, uthe kuduma amakhanda kubona. Uthe imali efakiwe incane kakhulu ngeke ize ikwazi ukubhekana nazo zonke izidingo zabo.
"Eyi wendoda asiyazi thina le nto esehlele. Namanje asazi ukuthi senzenjani. Nemindeni yethu ididekile siyixoxela le nto. Phela sinabantwana esingazi ukuthi sizobondla ngani uma sifakelwe amasenti,’’ usho kanjena.
Uthe okubuhlungu ukuthi akekho obazisile ukuthi kungenzeka baholelwe imali encane kangaka. Lesi simo uthe sibakhinyabezile kakhulu njengoba kunezinto okumele bazikhokhele njalo uma kuphela inyanga.
"Ngabe kungcono nokuthi kukhona abasazise khona kunokuthi kuqhamuke sekwenzeka into enjengalena kithina. Yaze yabuhlungu nansi into. Kuphele ngisho nomdlandla wokufundisa,’’ usho kanjena.
Omunye uthisha uthe bonke abafundisa kulesi sikole baholelwe imali efanayo.
"Uyabona ukuthi le nto yenziwe ngenhloso. Njengoba besiholela imali engekho kanjena bazokhala ngathi uma sesiduba ukufundisa,’’ usho kanjena.
Okhulumela ibandla, uMnuz Buthelezi (elingatholakalanga igama lakhe) futhi onguSihlalo wesigungu sesikole, uthe baqale babazisa othisha ukuthi kule nyanga imali ngeke iphelele ngenxa yezizathu ezithile.
"Kuyiqiniso lokhu okushoyo, impela kwenzekile. Kodwa okubalulekile ukuthi siqale sabazisa bonke othisha. Asivelanga nje safaka imali ngaphandle kokuthi kukhulunywe nabo,'' usho kanje.
Uthe imali isazonezezelwa ngokuqhubeka kwenyanga.