AMAPHOYISA aseLimpopo abophe uzakwabo ngamacala okubulala abantu abayisithupha ukuze athole inkokhelo yemali yomshwalensi.
Leli phoyisa lesifazane livinjezelwe emsebenzini ekuseni ngoLwesine eSenwabarwana Police Station, eLimpopo, kuthiwa lithole imali elinganiselwa kuR10 million. Umgilwa wokuqala wabulawa ngo-2019.
Leli phoyisa lizogqunywa esitokisini samaphoyisa ePolokwane lize livele enkantolo yendawo.
Okhukumela amaphoyisa kuzwelonke uBrig Athlenda Mathe uthe, abagilwa abantu abantulayo, abanye kubikwa ukuthi bakhubazekile.
"Siphoxekile ngesenzo saleli phoyisa kodwa silapha ukuqinisekisa ukuthi umthetho usebenza ngendlela efanayo kuwo wonke umuntu ngisho nasemaphoyiseni imbala," kusho yena.