UMHOLI wamaNazaretha eThembezinhle, Inkosi uPhinda Shembe - Ukukhanyakwelanga, usethathe isinqumo sokulidlulisela eNkantolo yoMthethosisekelo icala lokukhipha eBuhleni umholi wamaNazaretha, Inkosi Mduduzi Shembe - Unyazilwezulu.
Lokhu kuza emuva kokuthi ngoLwesithathu iNkantolo eNkulu yaseThekwini iphinde yachitha isicelo sakhe sokugudluza Unyazilwezulu eBuhleni.
Bese kungokwesibili kuchithwa isicelo salo mholi sokugudluza uNyazilwezulu.
UMshumayeli Chansey Sibisi, ophinde asebenzisane nabameli boKukhanyakwelanga, uthe bamangele kuchithwa okwesibili isicelo sabo.
“Asazi noma kuyindlela yokusibambezela yini le eyenziwe yijaji njengoba isichithe isicelo sethu okwesibili. Okubuhlungu ukuthi ijaji alisithintanga nhlobo isicelo sethu sokuthi kugudluke uNyazi eBuhleni. Kunalokho livele lagxila endabeni yokuthi uNyazi lingumholi webandla, asikwazi ukulususa endaweni yokuhola amaNazaretha. Esicelweni sethu besingazange sikhulume ngokuthi ubani ongumholi noma ongeyena ngoba lokho sezanquma izinkantolo ngakho, ukuthi uNyazi aliyena umholi wamaNazaretha ofanele. Thina besifake isicelo sokuthi inkantolo ilugudluze esihlalweni eBuhleni ukuze kungene Ukukhanyakwelanga okunguyena mholi ofanele nowavunwa yinkantolo. Asazi ukuthi kungani ijaji liqala phansi ligxila odabeni esesadlula kulona futhi laphothulwa,” kusho uSibisi.
Uthe sebexoxile nabameli babo ukuthi ngesonto elizayo bafaka amaphepha eNkantolo yoMthethosisekelo.
“Siyabona abanye bayajabula njengoba sichithwa yinkantolo ihlandla lesibili esicelweni esisodwa kodwa thina asithukile nakancane. Siyazi ukuthi le njabulo yabo izophela kungekudala sekuphenduka amatafula. ENkantolo yoMthethosisekelo icala lizobe selilalelwe amajaji amathathu, siyakholwa ukuthi bazosizwa isicelo sethu,” usho kanje.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe bajabule kakhulu ngokwenzekayo ngoba kuyakhombisa ukuthi uNyazilwezulu lingumholi ofanele.
“Lezi zindaba zize kahle silungiselela inkonzo kaJulayi okuzobe kwenzeka izinto eziningi kuyona. Engingakusho nje ukuthi abantu abangayinaki indaba yamacala, siqhubeke nokukhonza uNyazi. Njengoba kuza uJulayi ziningi izinto ezizojabulisa amaNazaretha njengoba sazi ukuthi kule nkonzo kwenzeka izinto eziningi. Okunye kwakho nje ukuthi izintombi nto zizobe zihambise izintingo kuNyazilwezulu eNtanda, eMzinyathi. Kusuke kuwumgidi omkhulu wena owabona izintombi zihambisa umhlanga eSilweni ngosuku loMkhosi woMhlanga. Kuwona uJulayi kuzophinde kubhajadiswe inqwaba yabantu abazobe bekhetha inkolo yobuNazaretha, kuphinde kuyokhethwa nezintombi ebhentshini. Ngasekupheleni kwawo uJulayi kuzobe kuphuma nemishado kushadiswa khona ebandleni,” kusho uMncwabe.
Uthe umhlangano kaJulayi uzosingathelwa khona eBuhleni futhi kuzobe kufike amaNazaretha aqhamuka kuzona zonke izindawo.