BASALE bekhungathekile kushona ngokulandelana imeya nemenenja kamasipala wesifunda Ugu.
Lo masipala ulahlekelwe imeya yawo nemenenja ezinsukwini ezintathu.Izolo umasipala uphinde wagubuzelwa ifu elimnyama kushona imeya yawo, uNksz Phumlile Mthiyane, oshone emva kokugula.
Ukushona kwakhe kulandela okwemenenja kamasipala, uDkt Elliot Ntombela, oshone ngoMgqibelo.
Naye uNtombela ushone emva kokugula isikhashana, kanti bekulindeleke ukuthi abuyele emsebenzini maduze.
UNksz Mthiyane noNtombela bachazwe njengabantu abebezinikele emsebenzini wabo.
Bashona nje, bekungakapheli sikhathi bengenile ezikhundleni njengoba uNksz Mythiyane aqokwe ngasekupheleni kuka-2021, uNtombela waqokwa ngasekupheleni konyaka odlule.
Izolo amazwi enduduzo aqhamuka ezinhlakeni ezahlukeni zikahulumeni abelokhu engene njalo.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe isifundazwe silahlekelwe kakhulu ngokushona kwalaba ababili.
“Lesi isimo esingajwayelekile lapho silahlekelwa abaholi abaphezulu ezinsukwini ezimbalwa. Lesi simo sizoba nomthelela ongemuhle njengoba umasipala ulahlekelwe abantu abamqoka.”
UNkk Dube-Ncube uthe bekufanele abe nomhlangano noNksz Mthiyane kulo leli sonto.
“Kepha uNkulunkulu ubenamanye amacebo. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini.”Okhulumela umasipala, uMnuz France Zama, uthe kubashaqisile ukushona kukaNksz Mthiyane.
“Kubukeka sengathi ifu elimnyama lilokhu lisigubuzele njalo. Sicela bonke abantu bakhulekise umndeni ngalesi sikhathi esinzima kanje.”
UZama uthe izinhlelo zomngcwabo zizomenyezelwa uma seziphothuliwe.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe umkhakha wezohulumeni basekhaya ulahlekelwe kakhulu ngokushona kukaNksz Mthiyane.
UZikalala uthe uNksz Mthiyane ubesekhaleni lempi yokusombulula inkinga yamanzi egubuzele isifunda Ugu.
“Le mpi ubebhekene nayo ngqo. Kungakapheli sikhathi esingakanani engenile kwesobumeya, siyibonile ingqubekelaphambili ezinhlelweni okuhloswe ngazo ukusombulula inkinga yamanzi ekulesi sifunda.”
UZikalala uthe uNksz Mthiyane ubehlezi ebeka phambili izidingo zabantu basoGwini.
“Silahlekelwe yisishoshovu ebesizwana nokuthula, sikhuthele futhi sibeka phambili izidingo zabantu. Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubo bonke abasebenzi bakumasipala.”
UZikalala uphinde wancoma amagalelo kaNtombela.
“Ube neqhaza elikhulu ekubuyiseni uzinzo kulo masipala. Ushiye enze isiqalo esihle. Abasele kufanele baqhubeke lapho eshiye khona.”