OBENGUNGQONGQOSHE wezokuVakasha uNksz Lindiwe Sisulu, uthi kufanele kuvezwe namanye amaqhawe omzabalazo nawo ahlonishwe ngoba adela okuningi elwela inkululeko. UNksz Sisulu ubekhuluma ngesikhathi kunesifundo ngendawo yamagugu iRobben Island, eWestin Hotel, eCape Town.
UMnuz Walter Sisulu wayeyisishoshovu se-ANC waba wunobhala-jikelele wayo. UNksz Sisulu uyindodakazi yesishoshovu esiwuSisulu esinomlando onothile kwezombusazwe.
UMnuz Sisulu waba secaleni eladuma kakhulu iRivonia Trial noMnuz Nelson Mandela noMnuz Dennis Goldberg. Wake waboshwa ejele lodumo i-Robben Island ngamacala ezepolitiki, udlule emhlabeni ngo-2003 kanti kunezindawo eziqanjwe ngaye ngenhloso yokumhlonipha.
Isifundo besihlelwe yiRobben Island Museum saqondaniswa nokuhlonipha isishoshovu esiwuSisulu. Indodakazi kamufi, uLindiwe ithe baningi abantu abasadinga ukuhlonishwa.
“Baningi abantu abadela okuningi benzela izwe, ngingajabula uma kungenziwa udonga olukhulu babekwe lapho baziwe nabo.”
“Ngiyaxolisa ngokuthi angisekho kwezokuvakasha kodwa ungqongqoshe omusha ngesikhathi ngidlulisa amandla ngimcelile ukuba aye eRobben Island,’’ kusho uNksz Sisulu.
UNksz Sisulu uthe uyise wayewumuntu oqotho kakhulu futhi wahamba ebadonse ngendlebe ngodaba lwenkohlakalo.
USihlalo womkhandlu weRobben Island Museum, uSolwazi Saths Cooper, umemezele ukuthi kunezinhlelo zokuhlonipha uMnuz Robert Sobukwe, umsunguli wePan Africanist Congress ongasekho.
Uthe banazo nezinhlelo zokuthi indawo yokugcina amagugu aseRobben Island ingaphazamiseki ukuze kugcinwe umlando.