INDLUNKULU kaZulu izobhunga ngodaba lombango wesihlalo sobukhosi emhlanganweni wazo zonke izindlu ngesonto elizayo. Kulo mhlangano kuhloswe ukuxazulula umdonsiswano ngesihlalo sobukhosi odaleke emva kokukhothama kweSilo uZwelithini kaBhekuzulu, okhothame ngoMashi.
Njengamanje indlunkulu ibhekene ngeziqu zamehlo njengoba kukhona abangahambisani nokuqokwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini, othathe kwiNdlovukazi ebibambe ubukhosi, uShiyiwe Mantfombi
Dlamini Zulu, oguqe ngo-Ephreli. Lo mhlangano uzobanjwa ngoLwesithathu oLundi, esiShayamthetho esidala saKwaZulu- Natal.
Lokhu kumenyezelwe nguNdunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi. UButhelezi uthe umhlangano uzonikeza zonke izindlu ithuba lokuqhamuka nesisombululo kulolu daba.
“Leli yithuba lokuthi zonke izindlu zibambe iqhaza ekudaleni ubumbano. Kufanele sonke silwele ukuba kube nobumbano.” Lo mhlangano uza nje, kukhona abanye basendlunkulu abaphakamisa igama loMntwana uSimakade Zulu, ukuba kube nguye ongena esihlalweni sobukhosi.
Abanye baphakamisa igama loMntwana uNhlanganiso Zulu kanti abanye baphakamisa igama loMntwana uNhlendlayenkosi Zulu. Udaba lwalo mbango seluze lwadluliselwa kuMengameli Cyril
Ramaphosa, kulandela ukwehluleka kwemizamo kahulumeni waKwaZulu- Natal ukuluxazulula. URamaphosa usejube uNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, ukuba angenelele.
Umhlangano wangoLwesithathu kwamenyezelwa ngoJulayi ukuthi uzobanjwa kepha ubulokhu ungakwazi ukuhlala ngenxa yobhubhane iCorona.
Esitatimendeni, uButhelezi uthe sezikhishiwe izincwadi zesimemo. Lezi zincwadi zisayinwe wuNdlunkulu uMaZungu, uButhelezi noMntwana uPhilemon waKwaFihlinqindi.
“Ukubuyiselwa kwezwe ngaphansi kwesigaba sesibili somthetho olawula ukusabalala kobhubhane iCorona, sekwenze ukuthi sikwazi ukubiza lo mhlangano.
“Emizameni yokugwema ukuphula imithetho ebekelwe ukulwa neCorona, nokwenza isiqiniseko sokuthi alikho ilungu lasendlunkulu elingezukumeleleka kulo mhlangano, sinqume ukubhala izincwadi zesimemo ezithunyelwe kuzo zonke izindlu.”
UButhelezi uthe labo abangazitholanga izincwadi bangathathi ngokuthi bashaywe ngesithende, wathi nabo imibono yabo izothathwa. “Akekho umuntu ozovunyelwa ukuba angene emhlanganweni ngaphandle kwale ncwadi njengoba sizama ukugwema ukuthi inani labazohambela umhlangano lingeqi isibalo esivumelekile.”
UButhelezi ukhiphe lesi sitatimende nje, indlunkulu iyaqhubeka nezinhlelo zoMkhosi weLembe yize uhulumeni waKwaZulu-Natal ethathe
isinqumo sokungayixhasi imikhosi yasendlunkulu kuze kube
kuxazululwa umbango wobukhosi. Okhulumela indlunkulu, uMntwana uThulani Zulu, uthe lo mkhosi uzobanjwa edlinzeni leLembe, KwaDukuza, kusasa, kusetshenziswa ezobuchwepheshe njengoba izwe lisabhekene nobhubhane iCorona.
“Sizokwenza isiqiniseko sokuthi silandela yonke imigomo ngaphansi kwesigaba sesibili somvalelandlini. Abantu bazokwazi ukuwubuka umkhosi bukhoma ezinkundleni zokuxhumana.”