INDLUNKULU kaZulu ithi icela atholelwe usizo lokwelashwa ngokwengqondo uNksz Londiwe Ngcamu, ozibiza ngoMntwana wasendlunkulu noveze izindaba zokuthi iSilo uMisuzulu kaZwelithini sacela u-R100 million ukuze sehle esikhundleni.
Okhulumela iSilo, uMntwana u-Africa, uthe ucela abantu bangamniki ithuba lokuthi akhulume emphakathini uNksz Ngcamu kodwa bamtholele usizo ngokushesha.
“NjengamaZulu iyasikhathaza into kaNksz Ngcamu ngoba siyambona ukuthi udinga usizo. Abantu abangajatshuliswa ukuzwa izinto azikhulumayo ngoba uphendula iSihlalo seSilo ihlaya. Kusiphatha kabuhlungu okwenzeka kuNksz Ngcamu ngoba naye ungumZulu njengoba engowakwaNgcamu, akumele sihlekise ngomunye wethu uma enenkinga kodwa kumele simtholele usizo. Ukugula kwakhe kusezingeni eliphezulu ngendlela ethusayo,” kusho uMntwana u-Africa.
Ethintwa uNksz Ngcamu, uthe abezindaba bathanda ukubhala into abayithandayo abalandeli iqiniso ngakushoyo.
“Indaba ka-R100 million yinto ekhona nokuyimali eyacelwa uMntwana uMisuzulu (iSilo) ukuze ehle esihlalweni. Okwenza afike esinqumeni sale mali kungenxa yokuthi yena noMntwana uSimakade yibona okwavela amagama abo ukuthi basembangweni weSihlalo. Kunemidanti eminingi okumele kudlulwe kuyona nokuyinto esimkhathazile uMntwana uMisuzulu eyenza ukuthi acele ukuthi anikwe le mali ukuze aphume embangweni.
“Ngenxa yokuthi ihhovisi lasendlunkulu lino-R12 billion ohleli kulona nowanikelwa ngosomabhizinisi, mina bengiphakamise ukuthi anikwe noma uR1billion bese eyaphuma embangweni. Lokho yinto esisazoyixoxa njengoba sizoba nomhlangano ngeSonto, siyiNdlunkulu kaZulu,” kusho uNksz Ngcamu.
Nyakenye, iNdlunkulu imchithile uNksz Ngcamu ukuthi ungomunye wabaNtwana, yathi uyazifaka futhi akukho okumhlanganise nayo.
UNksz Ngcamu wayeveze ukuthi ungowendlu yaseZulwini. UMntwana u-Africa, owayemchithile nyakenye, namanje uthe usamchitha, wathi umazi eyintombazane nje yaKwaHlabisa engahlangene nezindaba zasendlunkulu.
Nyakenye, uMntwana u-Africa uveze ukuthi indlu yaseZulwini bayayazi. Wathi yindlu yoMntwana uDabulamanzi kodwa okunguyena oseyikhanda manje kuyona uMntwana uSibusiso. Kuyona uthe abamazi uLondiwe, mhlawumbe kungenzeka uhlobene nogogo ozalwa ugogo waseZulwini.
NoMntwana uMbonisi (uNksz Ngcamu), aveza sengathi usebenzisana naye, wamchitha naye nyakenye ethi abamazi endlunkulu njengoba bazana bonke khona. Wathi ngokunjalo nezindlu zasendlunkulu bazazi zonke nabantwana bakhona bayabazi.
Abamaziyo uNksz Ngcamu bathi uzalwa uMaZulu owayegane usomabhizinisi ongasekho wakwaNgcamu kwaHlabisa.