ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sisebenzise inkulumo yaso yokuvula isiShayamthetho saKwaZulu-Natal ukukhumbuza izinhlaka zikahulumeni ukuthi yiso esibusa lapha kwelikaMthaniya.
ISilo sinxuse izinhlaka zikahulumeni ukuba zinikeze ubukhosi inhlonipho obuyifanele.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi iNdlulamithi ikhuluma emcimbini wokuvula isiShayamthetho eMgungundlovu izolo.
ISilo sithe asiyona inkosi yesizwe esisodwa, sathi siphethe iKwaZulu-Natal yonke.
“Ngiyafisa ukucacisa okuthile nokumqoka. Ngokukhonjwa ngumunwe womlando ngiyazi ukuthi ngiyinkosana kaZulu. Lokhu angikungabazi futhi ngiyakuqonda ukuthi kusho ukuthini. Okunye engikwaziyo wukuthi ngokwemithetho yale ndlu, ngiyinkosi yesifundazwe.
“Lokhu ngithi angikuveze ngoba sikhona isilingo sokuthi isihlalo lesi engiyinhloko yaso sibukwe njengento nje yemikhosi futhi yesizwe esisodwa. Ngiyanigqugquzela ukuba ubukhosi nibunike indawo yabo obuyifanele. Kanjalo nakubo ubukhosi ngithi abungazexwayi izinguquko okungenzeka ukuthi ziza nesikhathi esikuso.”
IMbube ithe nakuba lilikhulu igxathu eselihanjwe wuhulumeni ekuthuthukiseni abantu kule minyaka engu-30 kuphethe uhulumeni wentando yabantu, kuningi okusafanele kwenziwe.
Sikhale ngokuthi miningi imindeni ebhuqabhuqwa yindlala, sakhala nangobelelesi obudlangile KwaZulu-Natal.
“Ngeke sincome sithi konke kuhamba kahle uma kusekhona abantu abacabanga ukuthi ukuxazulula ukungaboni ngaso linye emaqenjini abo nasemiphakathini yabo kumele kwenziwe ngezibhamu. Njengoba ngimi lapha namuhla isibalo esikhulu samakhosi, izinduna nabantu bakababa sisenhlabathini ngenxa yezibhamu. Ngenxa yezibhamu imindeni eminingi ibhekene nobubha futhi isele nezintandane, eminye ilahlekelwe ngabantu abebeyondla.”
IMbube ikhale ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
“Njengenhloko yobukhosi lokhu kuyangikhathaza futhi nani kufanele kunikhathaze. Abesifazane kuleli zwe nabo bayizakhamizi. Kumele bavikeleke, kumele bazizwe beyingxenye yezwe elinakekelayo nelivikelayo.”
ISilo sincome imizamo yamaphoyisa aKwaZulu-Natal yokulwa nobugebengu, saphinde sashayela ihlombe izinhlelo zikaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, zokuba nengqungquthela yokubhunga ngobugebengu.
ISilo sinxuse zonke izinhlaka zomphakathi ukuba zibe yingxenye yengqungquthela ehlelwayo.
IKwaZulu-Natal iphethwe ngokubambisana amaqembu ahlukene.
ISilo sinxuse wonke amaqembu anezihlalo KwaZulu-Natal ukuba abambisane, sakhumbuza amalungu esiShayamthetho ukuthi awazimele wona, kodwa amele abantu.
“Njengoba sakhele lesi sifundazwe saKwaZulu-Natal singumndeni, singumndeni omibalabala. Ukuba mibalabala kwethu akulona iphutha, kunalokho kusinika ithuba lokwazana, ukufundisana nokwamukelana. Njengezakhamizi zaKwaZulu-Natal kasidlule ekubekezelaneni kepha samukelane, samukelane ekutheni sehlukile nje kepha singumndeni. Njengosesihlalweni nenkosi yenu ngimi ngomumo ukunilekelela kulolu hambo nezinye izinkambo ezihlose ukuthuthukisa abantu baKwaZulu.”
Umcimbi wayizolo ubungewona ubukhazikhazi njengokuvamile.
Bekungokwesibili iSilo sivula isiShayamthetho kulo nyaka njengoba senza ngasekuqaleni konyaka.
Namhlanje uNtuli uzokwethula umhlahlandlela kahulumeni wesifundazwe, khona esiShayamthetho.