ISIFO sofuba ngeke siphele uma kusanenqwaba yabantu abadla ukudla okungenamsoco kuleli.
Lokhu kushiwo uSolwazi Willem Hanekom wesikhungo esenza ucwaningo i-Africa Health Research Institute (AHRI), ngesikhathi ongoti asebenesikhathi eside becwaninga ngaleli gciwane beshiyelana inkundla engqungqutheleni edingida ngalesi sifo, i-8th SA TB Conference eqhubekayo eThekwini.
UHanekom uthe asekubonile ngalesi sifo ukuthi uma abantu bedla ukudla okunempilo kuyenzeka noma benalo igciwane laso lingafiki esigabeni lapho lizobagulisa khona.
"Inkinga esibhekene nayo ukuthi kuleli kuneqwaba yabantu ababhuqwabhuqwa indlala abajabulela ukuthi badlile, okuseyiphupho kubo ukuthi ukudla abakudlayo kube okuqukethe imisoco edingwa umzimba ukuze amasosha abo aqine. Lokhu kusitshela ukuthi imithi iyodwa ngeke isilaphe isiqede lesi sifo. Siyoze silekelelwe ukuthi kube nomgomo wokuvikela lesi sifo."
Uthe okunye nje okungakaqondakali ngalesi sifo yize sekuneminyaka eminingi sikhona ukuthi sithelelana kanjani.
Uthe phambilini bekuthiwa uma onaso ekhwehlela kuqhasha amathe, oseduze kwakhe uba sengozini yokusithola. Kunolunye ucwaningo oluveza ukuthi uketshezi oluningi luphuma emakhaleni ngesikhathi onaleli gciwane ephefumula noma ekhwehlela.
"Ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi bangaphezu kuka-58% abantu abanesifo seTB abangenazo izimpawu. Okungenzeka ukuthi iyona imbangela yokuthi lesi sifo silokhu siqhubekile nokuba ngesihamba phambili esibulala abantu kuleli yize kunezinto ezinhle kangaka esizenzayo zokulwa naso. Umbuzo ukuthi sizobathola kanjani abantu abanalesi sifo uma bengenazo izimpawu," kusho uHanekom.
UDkt Refiloe Malatji oqale ukusebenza ezinhlelweni zoMnyango wezeMpilo zokwelapha iTB kuleli ngo-1994, nomsunguli wenhlangano, i-AQUATIY Innovations, uvumelane noHanekom, wathi kusadingeka kutshalwe imali emkhakheni wokuqeda ububha ngoba lesi sifo simandla kakhulu ebantwini abanobubha.
"Kumele kulungiswe indaba yokushoda kwezindlu, indlela okusetshenzwa ngayo ngoba nayo inomthelela ekusabalaleni kwalesi sifo. Ngasohlangothini lwezempilo akukho okusivimbayo ukuthi uma umuntu ekhwehlela simnike imishanguzo ngaphambi kokuthi kubuye imiphumela. Njengamanje uma sisola ukuthi umuntu uneTB simnika amabhodlela sithi akayokwehlela. Abuyele ekhaya egula enjalo. Sivinjwa yini ukuthi simnike imishanguzo, sisalindile? Ngesikhathi ebuyela ekhaya uthelela abangaki,," kubuza uDkt Malatji.