AYIKADALULWA imbangela yokushona kwelungu lePhalamende, uNkk Tina Joemat-Pettersson, isigubhukane ngoMsombuluko.
UNkk Joemat-Petterson ushone esemzini wakhe oseCape Town.
Bekungakaze kubikwe ukuthi uyagula ngaphambi kokuthi ashone.
UNkk Joemat-Petterson ushone elandelwa yifu elimnyama kulandela izinsolo zokuthi umyeni woMvikeli woMphakathi osamisiwe, u-Adv Busisiwe Mkhwebane, uMnuz Mandla Skosana, usanda kwenza izinsolo zokuthi uNkk Joemat-Pettersson wafuna ukugwazelwa ukuze u-Adv Mkhwebane aphume phambili esigcawini sasePhalamende esiphenya ukuthi usilungele yini isikhundla sakhe.
USkosana wenza izinsolo zokuthi uNkk Joemat-Pettersson wafuna ukugwazelwa ngoR600 000, futhi lolu daba walubika emaphoyiseni.
UNkk Joemat-Petterson ushone engakaziphenduli lezi zinsolo.
UNkk Joemat-Pettersson ubengusihlalo wekomiti elibhekele ukusebenza koMnyango wezaMaphoyisa ePhalamende, uke waba nguNgqongqoshe wezaMandla.
Ubephinde abe yilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, futhi ubephinde amataniswe nombango wokuhola i-ANC Women’s League (ANCWL).
Igama likaNkk Joemat-Petterson belivela embangweni wesikhundla sephini likamengameli we-ANCWL.
Ngonyaka owedlule wayengenele umbango wesikhundla sephini likanobhala we-ANC, kepha wakhala ngaphansi.
Izolo amazwi enduduzo abelokhu esangene njalo.
UMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe elakuleli lilahlekelwe.
“Silahlekelwe umholi obezinikele ekuthuthukiseni impilo yabantu besifundazwe adabuka kuso, iNorthern Cape. Usebenze ngokuzikhandla ngesikhathi esengungqongqoshe kulesi sifundazwe ngaphambi kokuthi akhethelwe kuhulumeni kazwelonke.”
USomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uthe bazowakhumbula amagalelo kaNkk Joemat-Petterson.
“Ungelinye lamaLungu ePhalamende amadala. Ukushona kwakhe kusishaqisile. Uzokhumbuleka kakhulu ngokusebenzisa amava akhe ekushayweni kwemithetho ezoshintsha izimpilo zabantu bakuleli. Ubezinikele kakhulu emsebenzini wakhe.”
Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu-Motsiri, uthe balahlekelwe umholi ozithobile.
“Ube ngumholi obenobizo lokusebenzela abantu baseNingizimu Afrika, wanikela ngempilo yakhe ekusizeni abantu bakuleli. Ube yisibonelo sokuthi abaholi kabazalwa bengabaholi kodwa bacijwa yizimo ababhekana nazo emihleni yabo yokuphila. Sinxusa onke amalungu e-ANC ukuthi ahambe ezinyathelweni zakhe.”
Amalungiselelo omngcwabo abengakamenyezelwa.