SIYINDABA egudwini kumalungu omphakathi waseGobhogobho, eNkwezela, eBulwer isigameko sokubulawa kwabesilisa abahlanu abebengabangani.
Ngokuthola kweSolezwe ngoMgqibelo, lesi sigameko senzeke ngoLwesithathu ngehora lesithupha kusihlwa.
Kwababulewe kukhona uMnuz Sphamandla Mbelu (36), Mnuz Sibonelo Mbambo (35), Mnuz Nkosinathi Cele (30), Mnuz Lethukuthula Dumakude (30) noMqapheli Mbelu.
Umthombo uthi laba bebephuza utshwala kubokaSphamandla ngesikhathi behlaselwa. Kuvela ukuthi laba abahlanu bebejwayele ukuhlangana ngezikhathi zantambama baphuze.
Kuthiwa ngaphakathi endlini bekukhona namantombazane wona kodwa angazange enzakaliswe.
“Lo obengqongqoza ubebuye amemeze igama likaSphamandla emcela ukuba aphumele emnyango eze kuyena. Nangempela uphumile uSphamandla waya kuyena,’’ kuchaza umthombo.
Uqhuba, uthi abangaphakathi bezwe ngezinhlamvu ezevile kwezinhlanu ziqhuma emnyango kudutshulwa uSphamandla, washonela khona lapho.
Leli phephandaba liphinde lathola ukuthi uSphamandla ubesolwa kwesinye isigameko sokubulala ngaphambilini.
Laba abahlanu kuthiwa bebezisebenzela, kukhona nabebesebenzela iminyango kahulumeni.
“Kuthe sebemdubulile uSphamandla kwagulukudela ngaphakathi endlini amadoda amathathu abezifihlile ebusweni ase ephoqa wonke umuntu ukuba alale phansi ngesisu. UMqapheli Mbelu yena ulale embhedeni bamdubula ekhanda,’’ kusho umthombo.
Kuthiwa laba abanye abathathu badutshulwe belele phansi. Kuvela ukuthi ngaphambi kwalokho, baphucwe imali nomakhalekhukhwini.
UMnuz Mlamuli Mbambo wakubo kaSphamandla, uthe kuduma amakhanda kubona njengomndeni ngoba kabazi ukuthi umfowabo nabangani bakhe yisiphi isizathu ababulawele sona?
Uthe kuncane abasakutholile ngalesi sigameko ngaphandle nje kokuthi baphucwe imali nomakhalekhukhwini base bayabulawa. Uchaze uSphamandla njengowesilisa obezithobile futhi ebazisa abanye abantu.
UMnuz Siphokuhle Mbelu wakubo kukaMqapheli Mbelu, naye uthe kuduma amakhanda kubona njengomndeni ngoba abasazi isizathu sokubulawa ngesihluku kukaMqapheli nabangani bakhe.
“Akukho esingathi siyakwazi ukuthi bekungaba yimbangela yokubulawa kwabo,’’ usho kanje.
UMnuz Siyethemba Khathi wakubo kukaSibonelo, uthe inhliziyo yabo iyabhibha ngokubulawa kwelungu lomndeni wabo ngesihluku.
Naye uthe badukuza ebumnyameni ngokuthi laba babulaweleni.
Omunye osebuholini bomphakathi, ocele ukuba ligodlwe igama lakhe, uthe lesi sigameko sibashiye bebambe ongezansi.
“’Okusixakayo ukuthi laba bafana ababulewe bebesebenza futhi bengenalo udlame. Abanye babo bebesebenza eminyangweni kahulumeni,’’ usho kanjena.
Ababili kulaba ababulewe kuthiwa bebengahlukani nezintombi zabo, yingakho bezikhona ngesikhathi sesigameko.
Kuvela ukuthi uSibonelo yena ubegxile kwezepolitiki futhi ewumuntu olwela amalungelo omphakathi.
Kuthiwa amalungu omphakathi akule ndawo asathuka izanya ngenxa yalesi sigameko okuthiwa basifanisa nenhlekelele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko.
Uthe kusolakala ukuthi abesilisa abahlanu bahlaselwe besendlini ngamadoda amathathu abekade ezifihlile.
“Lawa madoda kubikwa ukuthi afike abadubula bonke abebesendlini. Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngezithuba zakusihlwa. Inhloso yokubulawa kwalaba ibingakaziwa,’’ usho kanjena.
Bonke laba abashonile kulindeleke ukuthi bangcwatshwe kule mpelasonto.