KUDUMA ikhanda kowesilisa obhekene nesikweletu sebhange semali engu-78 000, eyakhishwa kwi-akhawunti yakhe engakayisebenzisi.
UMnuz Khulekani Mdlalose (52) waseShowe, enyakatho yeKwaZulu-Natal, uthe kumphatha kabi ukuthi ubhekene nesikweletu sikaR89 000 awuboleka e-African Bank, angawusebenzisanga njengoba kwavele kwalahleka uR78 000 ngendlela engaqondakali.
UMdlalose osezinze eMlaza, eningizimu yeTheku, echazela Isolezwe ngale nkinga, uthe kwashona udadewabo ngoNovemba nyakenye, kwathi ngenxa yesimo esibi sasekhaya, waya koboleka uR89 000 e-African Bank, egatsheni eliKwaMnyandu, eMlaza, ukuze amelane nezindleko zomngcwabo nokunye okwakudingeka.
“Ngaya ngikhululekile e-African Bank ngoba ngangingaqali ukuboleka imali khona, njengoba ngangike ngaboleka uR106 000 wokwakha umuzi eminyakeni edlule, kwangaba nankinga - sakhokhelana kahle sekumele ngibakhokhele.
“Kodwa ingixakile futhi yangidida kakhulu indlela okwenzeka ngayo izinto kulokhu, ngoba kwathi sesivumelene ngakho konke - sebengenzele nekhandi abafake kulo imali engayiboleka, ngathola umyalezo ngakusasa wokuthi sekukhishwe uR78 000 okungacacanga ukuthi ukhishwe kuphi futhi kanjani,” kuchaza uMdlalose.
Eqhuba, uthi wavukela ebhange ngakusasa ukuyobika ngale nkinga ngethemba lokusizakala, i-African Bank yethembisa ukulandela udaba engakapheli amasonto amathathu, nakhu kuze kuphela izinyanga ezine manje.
“Okubuhlungu kakhulu wukuthi sagcina sibisha kwezinye izikweletu ukuze kungcwatshwe udadewethu ngesisozotha, futhi kungiphatha kabi ukuthi ngiyaqhubeka nokukhokha isikweletu semali engingayisebenzisanga ngoba ngase ngiyisayinile incwadi yesibophezelo,” kubalisa uMdlalose.
UMdlalose ulikhombisile Isolezwe ubufakazi bencwadi efungelwe ayibhala emaphoyiseni njengokuyalela kwabe-African Bank ukuze kuxazululeke le nkinga.
Kuthintwa i-African Bank ngalolu daba, ngomlomo wozibize ngoMnuz Jabulani Buthelezi, banxuse ukuthi uMdlalose eze egatsheni lebhange labo afaka kulo isicelo sokuboleka imali, ukuze balandele kahle ngenkinga yakhe.
Isazi sezomthetho, uMnuz Mpumelelo Zikalala, ucebise uMdlalose ukuthi axhumane ne-umvikeli womphakathi kwezezimali, umphenyi wezimo ezifana nalezi, ozomsiza ukuphenya kabanzi ngalolu daba ukuzama ukuthola isixazululo.
“Umvikeli womphakathi angasiza ngokubheka ukuthi akekho yini umuntu owathola izinombolo zakhe eziyimfihlo, acwaninge nokuthi ngenkathi kwenziwa isicelo sakhe sokuboleka imali, akekho yini owabona ngalokho ebhange.
“Lokho kungamsiza kakhulu ekutheni uma kutholakala ukuthi ibhange laba nephutha, angakwazi ukuvula icala lokuzinothisa ngokungemthetho, bese ibhange limnxephezela noma libuyise imali aseyikhokhile ngalesi sikweletu.
“Kodwa ukusiza ukugwema izimo ezinjengalesi, abantu kumele bazijwayeze ukuhlale beshintsha izinombolo zabo eziyimfihlo zasebhange, kuthi noma kuyisimo esifana nesikaMdlalose, uthi lapho uqeda nabebhange, ushintshe izinombolo eziyimfihlo ukuze uphephe,” kucebisa uZikalala.