BAWUHLABA inhlali ngokushintshwa kukasihlalo weBhodi leNgonyama Trust obesanda kuqokwa, inkosi Thanduyise kaMpiyezintombi Mzimela, esikhundleni sakhe osekuphakanyiswe inkosi Mabhudu Israel Tembe.
Isolezwe libone incwadi ebhalwe yiSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini eyazisa uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ngalezi zinguquko.
Incwadi ayizange izibeke izizathu eziholele ekutheni kwenziwe lezi zinguquko kanti nehhovisi leSilo nalo linqabile ukuphawula ngalolu daba.
Encwadini iSilo sikhumbuze uNkk Dube-Ncube ngamandla aso okuqoka usihlalo weNgonyama Trust.
“Njengoba wazi ukuthi ngokwesigaba 2A(3)(a) somthetho iKwaZulu-Natal Ingonyama Trust Board no-3KZ ka-1994, imina usihlalo weNgonyama Trust, ngaphandle uma kukhona umuntu enimphakamisa ukuba abe usihlalo.
“Senginqume ukuba ngimehlise uMzimela ngokuphazima kweso. Ngimazisile ngalesi sinqumo. Ngokwamandla engiwanikezwa yilo mthetho engiwubalulile, ngiphakamisa uTembe ukuba kube nguye othatha izintambo. Incwadi yakhe lapho evuma khona ukuqokelwa kulesi sikhundla ikhona lapha.”
UMzimela wehliswa kulesi sikhundla nje akukapheli ngisho izinyanga eziyisithupha eqokiwe.
Ukuqokwa kwakhe kwasusa umsindo futhi kukholakala ukuthi yikhona okwenza ukuthi kube nokungaboni ngaso linye phakathi kweSilo nondunankulu kaZulu osanda kukhothama, inkosi Mangosuthu Buthelezi.
UButhelezi wayekholelwa ukuthi kufanele lesi sikhundla sinikezwe umuntu onolwazi lomthetho.
Okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana u-Africa Zulu, wenqabile ukuphawula ngalolu daba.
“Njengoba isizwe sisemanzini nje nathi asivunyelwe ukuphawula ngezinto ezithinta ukusebenza kwansuku zonke kwehhovisi leSilo. Sicela abezindaba bakuhloniphe ukuthi sisesemanzini njengoba sisanda kulahlekelwa ngundunankulu wesizwe.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela ihhovisi likaNkk Dube-Ncube, uMnuz Bongi Gwala, ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa futhi engazange awuphendule umbuzo awuthunyelwe.
Kanjalo nemizamo yokuthola ukuphawula kukaMzimela ayizange iphumelele.
Ufonelwe okokuqala akangazwana kahle nentatheli, uthe esefonelwa emva kwalokho ucingo lwakhe belungasangeni.
ISilo senza lolu shintsho nje, ngempelasonto simemezele ukuqokwa kukaMntwana uVanana Zulu noMnuz Sipho Mhlongo njengabadidiyeli bamabutho kaZulu.
Lokhu sikumemezele ngesikhathi kunoMkhosi weLembe, ngoMgqibelo.
Lesi sikhundla bese kunesikhathi eside singenamuntu kulandela ukushona kukaMnuz Mlandeni “Mgilija” Nhleko, oshone ngo-2021.
EMkhosini weLembe, iSilo sinxuse abantu ukuthi bayeke ukuqagula ukuthi ngubani ozongena esikhundleni sikandunankulu kaZulu.
Sithe ozongena kulesi sikhundla uzoqokwa emva kokuzilela uButhelezi.