ISILO samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini, siyaziqhelelanisa nohlu lwamagama abayisihlanu okuthiwa beluqukethwe encwadini Isilo esiyibhalele uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, lapho sethula khona amagama abantu okuthiwa sifuna babe yingxenye yebhodi elisha leNgonyama Trust.
Isolezwe liputshuzelwe uhlu okuthiwa iSilo siluhambise ehhovisi likaNkk Dube-Ncube ukuba kube yibo abazothatha izintambo ebhodini elisabambile njengamanje.
Kulolu luhlu kuvela igama okusolwa ukuthi ngelikasomabhizinisi owaziwayo waseMpumalanga, uMnuz Jacob Mnisi, okuthiwa uzoba ngusihlalo webhodi. Amanye amagama avelayo ngelikaNksz Rejoice Ntombenhle Tembe, Mnuz Malibongwe Dhlomo, Mnuz Mzingaye Nkabinde noMnuz Vicky Panday.
Odabeni olushicilelwe iDaily News uMnisi ukuqinisekisile ukuthi kukhona uhlu olusha oluthunyelwe ezinhlakeni ezithintekayo nasehhovisi likandunankulu ukuze balubhekisise.
Uthe yize liphakanyisiwe igama lakhe kodwa izingxoxo zisaqhubeka.
UMntwana uThami Zulu uthe nakuba zikhona izinhlelo zokuthi lishintshwe ibhodi elisabambile njengamanje kodwa bayaweshwama la magama okuthiwa aphakanyiswe yiSilo.
“Zikhona izinhlelo zokuthi kushintshwe ibhodi elikhona njengamanje kwazise isikhathi salo kade saphela, selithathwa njengelibambile,” kusho uMntwana uThami.
Uthe ibhodi laphelelwa yisikhathi ngaphambi kokukhothama kweSilo uGoodwill Zwelithini.
“Nokudunguzela kweSilo esingasekho kwaba nawo umthelela wokuthi kuthikamezeke ukuqokwa kwebhodi elisha, nokunye okufaka phakathi nemigudu elandelwayo uma kuzoqokwa ibhodi,” kusho uMntwana uThami.
“Yize kunjalo kodwa la magama avelayo ayasishaqisa nathi, asiwazi,” kusho uMntwana uThami.Uthe ngokujwayelekile kuleli bhodi kuye kube khona oyedwa wasendlunkulu nowasehhovisi likandunankulu.
“Manje angizwa nelilodwa igama lovela kulezi zinhlaka kulolu luhlu,” kusho uMntwana uThami.
Ongusihlalo webhodi elisabambile, iJaji Jerome Ngwenya, uthe ugcine ngoDisemba ingakabi bikho into ebambekayo kolokuqokwa kwebhodi elisha leNgonyama Trust.
UNgwenya nguyena osephathe esikasihlalo kusukela ngo-2000.
Uveze ukuthi yize naye eluqala lolu luhlu oseluvela manje kodwa kukhona ukungahambisi ngendlela okubonakele ngasohlangothini lukangqongqoshe ngoDisemba.
“Kwenzeke okungajwayelekie, kwavela amagama amane (okungesiwo lawa asevela manje) kwathiwa aphakanyiswa ngungqongqoshe ukuba abe ngamalungu ebhodi. Ngokomthetho wokukhethwa kwebhodi, akuze kungenzeka kanjalo. Ngokubambisana kuye kuthi iSilo, uSihlalo weNdlu yamaKhosi, ubuholi obuphezulu bukahulumeni besifundazwe (undunankulu nongqongqoshe bakhe) buvumelane ngamagama ayisishiyagalombili azohanjiswa kungqongqoshe kuzwelonke ukuba afake isigxivizo sokugcina ukuphasisa ibhodi. Manje indlela okwenzeke ngayo, la magama asevela manje, thina asiwazi,” kusho yena.
Uthe ngokuvamile, kuye kubukwe amava ilungu ngalinye eliza nawo. Uthe kuvame ukuthi kubukwe ukuthi umuntu unalo yini ulwazi olunzulu ngokuphathwa kwezindawo zamakhosi ezahlukene nokuthi umhlaba wamakhosi uphathwa kanjani, uyazazi yini ezezimali nokunye okuningi.
“Manje uma ngilalelisisa kahle la magama, asiwazi. Asazi bangobani laba bantu nokuthi banalo yini lolu lwazi olufunekayo,” kusho uNgwenya.
Uthe yena akanankinga uma engasadingeki, kodwa uma igama lakhe liphakanyiswa angeke anqabeUphethe ngelithi kungampunge ukuthi ebhodini kube khona namalungu abantu bakwezinye izifundazwe.
Okhulumela ihhovisi likandunankulu, uMnuz Lennox Mabaso, uthe sebethole imibuzo eminingi ivela kwabezindaba ngodaba lwamalungu ebhodi leNgonyama Trust.
“Abezindaba bayaziswa ukuthi izindaba ezithinta iNgonyama Trust zidingidwa ezingeni likazwelonke eMnyangweni wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo eziseMakhaya,” kusho uMabaso.
Okhulumela uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo eziseMakhaya, uMnuz Reggie Ngcobo, uthe kunzima ukuthi aphawule ngalolu luhlu ngoba ungqongqoshe akakaze alubone, wathi kodwa uhlelo lokuqoka ibhodi elisha luyaqhubeka.