IHHOVISI likaMengameli we-Abantu Batho Congress uMnuz Philani Mavundla, lithi lisola ukuthi bathunywe yizitha ababhale izincwadi ezimisa yena umengameli noNobhala -Jikelele uNkk Phumelele Phahla.
Isolezwe Ngempelasonto lizibonile izincwadi ezimbili ezimisa uMavundla noNkk Phaahla ezisayinwe othile ekomidini eliqondisa ubugwegwe. Izincwadi zinika laba baholi izinsuku ezimbili ukuthi baphendula emuva kokuthola izincwadi. Zibayalela ukuthi bangathinti lutho oluhlangene ne-ABC.
UMavundla oyiMeya kaMasipala uMvoti,usungule iqembu emuva kokuphuma kwi-NFP ayijoyina esuka kwi-ANC. Emuva kwalokho wangenela ukhetho ngeqembu lakhe elisha bathola izihlalo komasipala wase eba yiphini lemeya yeTheku.
Ihhovisi likaMavundla lithe kukhona abangaphakathi eqenjini abasebenzisana nezitha zabo.
“Iqembu lihlaselwe abantu abathile abangene kulona besebenzisana neqembu thizeni. Sizwe abezindaba sebesibuza ngokumiswa kukamengameli nonobhala. Sithe uma siphenya sabona ukuthi yibo laba bantu abebemasha eMvoti bezenza amalungu ethu nawe-ANC,’’ kusho ihhovisi.
USihlalo we-ABC kuzwelonke uMnuz Bhungu Gwala uthe luyiqiniso udaba lokumiswa kukaMavundla emuva kokuthi kukhona isikhalo selungu leqembu ngokuphathwa kwemali.
“ Kukhona impela engikutholile kwabasingethe udaba lokumiswa kwakhe umengameli kodwa sengathi ubengaze aphendule. Kungaba kuhle ukuthi akhombise inhlonipho aphendule noma ngabe ukholwa wukuthi labo abambhalele abafanele ukwenza lokho,’’ kuchaza uGwala.
Uthe uLwesihlanu bekuwusuku lokugcina abambeke lona ukuthi aphendule kwalokho kuzobonakala ukuthi kumiswa kwanjani. UMavundla uthintwe kaningi engatholakali kwaze kwathintwa uNobhala-Jikelele uNks Phahla okunguyena othumele isitatimende sehhovisi lakhe.