UPHIKO lwezokushushisa kuleli ludide abaningi luveza ukuthi kukhona izicelo zebheyili olungeke luziphikise emacaleni athinta inkohlakalo nokukhwabanisa okwaholela ekubulaweni kwababili enyuvesi yaseFort Hare.
Umbuso wamukele ukudedelwa kwabasolwa abangu-12 ngebheyili kodwa yala yaphetha ukuba kudedelwe abanye.
Abasolwa bakamuva abangu-15 baboshwe ngenyanga edlule ezifundazweni ezine zakuleli. Kulaba basolwa kukhona no-Anwar Khan ongumnikazi wenkampani yonogada edume ngokugada osaziwayo futhi wayengunogada ka-Aka okungumrepha wakuleli owadutshulwa wabulawa eseThekwini ngonyaka odlule.
Abasolwa abayishumi kulaba babhekene namacala okukhwabanisa nenkonhlakalo badedelwe ngebheyili engazange iphikiswe ngumbuso. U-Anna Smith, Paul Tladi, Lucrecia Davids, Mbulelo Gingcana, Nkateko Mawila, Nozuko Mabombo, Thamsanqa Sonjica, Craig Retief, Bradley Conradie noNthabiseng Makhoba bonke badedelwe ngebheyili kaR5000 umuntu ngamunye.
Imigomo nemibandela yebheyili yabo ithi kumele basayine njalo ngoLwesithathu esiteshini samaphoyisa esiseduze futhi banikele emaphoyiseni izincwadi zabo zokuvakasha. Abanye abasolwa ababoshwa nabo uSarga Burger noGosain van der Haarhave bona badedelwe ngebheyili kaR50 000.
Ngesitatimende esithunyelwe kwabezindaba, umbuso uveze ukuthi ngeke uziphikise izicelo zebheyili zalaba basolwa kodwa uzophikisa ezintathu, okungezikaTerrence Joubert, Anwar Khan no-Isaac Plaatjies obeyisikhulu esiphezulu kule nyuvesi. Umbosu uthe uPlaatjies uyayishalazela ibheyili kodwa ukuyilungelo lakhe ukuthi ayicele.
“Kuyilungelo lakhe ukufaka isicelo sebheyili kodwa kumele kucace ukuthi umbuso uzosiphikisa. Njengamanje uKhan noJoubert bazofaka izicelo zabo ngoLwesihlanu.
Kulaba basolwa abangu-15, abayisishiyagalolunye bangabasebenzi abaqashwe iyona le nyuvesi kanti laba abanye ngosomambizinisi abaphakela le nyuvesi ngemisebenzi eyahlukene.