UMNDENI womfundi odutshulwe wabulawa ebuya esikoleni eNtshawini, KwaDukuza, ngoLwesine, uchitha izinsolo zokuthi ubulewe ngoba engufakazi ecaleni likanina odutshulwe wabulawa ngoNovemba, nyakenye.
URethabile Mashile (17) obefunda uGrade 8 eNkosi Albert Luthuli Secondary, udutshulwe ngowesilisa ongaziwa, okuthiwa ubelokhu ezulazula, eciphiza iselula yakhe ngaphandle kwesikole kusukela ekuseni ngosuku lwesigameko.
Ilungu lomndeni elicele ukuthi lingadalulwa lithe yize unina kaRethabile, uNksz Zanele Qwabe, naye abulawe ngokudutshulwa kodwa abakholwa ukuthi izigameko zihlobene. Lithe yize bubuningi ubugebengu endaweni kodwa ukudutshulwa kukaRethabile kubashiye bedidekile.
Lenza isibonelo, ilungu lomndeni lithe kusanda kubulawa umfundisi nakhona okushiye umphakathi udidekile mayelana nokudutshulwa kwakhe.
Lithe emva kukubulawa kukaRethabile, kube sekuvuka izinkulumo emphakathini zokuthi kungenzeka ukuthi ubulawelwe ukuthi ubezoba ufakazi ecaleni lokubulawa kukanina.
Lithe akekho umuntu osaboshiwe ecaleni lokulawa kukaNksz Qwabe okubenza bazichithe izinsolo zokuthi ubulawe ngoba ubezoba ufakazi ecaleni likanina.
“Unina wadutshulwa eNanda, eyovakashela umngani wakhe. URethabile nodadewabo kaNksz Qwabe babizelwa endaweni yesigameko, bafika sekuvele sekonakele. Ubengenalwazi lokuthi ubani owabulele unina ngoba ubulawe engekho,” kusho ilungu lomndeni elithe ngisho nabaphenyi becala bagcine ukukhuluma noRethabile ngosuku kwesigameko.
“Abakaze babuye bazotshela umndeni ukuthi uzoba wufakazi ecaleni lokubulawa kukanina.”
Ilungu liveze ukuthi uRethabile ngesikhathi ehlaselwa ubehamba nomngani wakhe, lathi kuthiwa lona wesilisa odubulile ubebalandela. Kuthe umngani kaRethabile esayokha amanzi empompini oseduze, lona wesilisa wasebenzisa lelo thuba ukuthi adubule umufi.
Libuye laveza ukuthi kukhona imoto ethile ebonwe yilabo abasheshe bafika endaweni yesigameko, okuthiwa ibihamba abantu abangaziwa, okuthe uma amalungu omphakathi bebabikela ngokwenzekile bazenza abantu abayobheka umsolwa. Abaphindanga babuya, okwenza umndeni usole ukuthi kungenzeka ukuthi bebehamba ndawonye nomsolwa.
“Le moto ayiphindange yabuya, manje sekusishiya nemibuzo yokuthi kungenzeka ukuthi laba bebehamba naye umsolwa,” kusho isihlobo.
Sithe bafuna ukubulungiswa.
“Sifisa amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla, abanjwe aboshwe ukuze ajeze ngobuhlungu asizwise bona,” kusho sona isihlobo.
Sigxeke amalungu omphakathi athe abematasa ethumela izithombe zesidumbu sendodakazi yakhe ezinkundleni zokuxhumana, kunokuthi asize ekufuneni umsolwa.
Sithe namanje sisashaqekile ngokungabi nozwelo kwalabo abasabalalise izithombe zikamufi edindilizile emgwaqweni nomfaniswano wesikole, singamboziwe isidumbu sakhe.
Sithe konke sebekubeke ezandleni zamaphoyisa ukuthi kubanjwe umbulali.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aKwaDukuza, aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kubulawe umfundi oneminyaka engu-17 ngoLwesine, eNtshawini.
“Kuthiwa umgilwa ubesendleleni ebheke ekhaya ebuya esikoleni ngesikhathi ehlaselwa yindoda engaziwa. Kuthiwa imdubulile ngaphambi kokuba ibaleke ngezinyawo endaweni yesigameko,” kusho uConst Ngcobo, othe imbangela yokubulala ibingakaziwa.