INKANTOLO iyalele ukuthi aboshwe umsolwa osephenduke ufakazi woMbuso ecaleni lokubulawa kwebhungu, u-Andile “Bobo” Mbuthu (16) ngokuhluleka ukufika enkantolo.
IMantshi uSanele Hlatshwayo, wenkantolo yeMantshi yaseVerulam, ithe akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo ufakazi futhi akukho akubikele inkantolo ngokungafiki kwakhe yase ikhipha umyalelo wokuthi akaboshwe.
Ngaphambi kokukhishwa kwesinqumo, umshushisi uMnuz Ntuthuko Mngadi ubengenasinqe, ephuma engena enkantolo ethungatha ufakazi emshayela ucingo izikhawu kodwa engamtholi.
Nephoyisa lenkantolo liphumele phandle labiza igama likafakazi kwaze kwaba kathathu kodwa labuya lilambatha.
UMngadi ugcine etshela uHlatshwayo ukuthi akamazi ukuthi ukuphi ufakazi owadedelwa inkantolo ngaphansi kwesandla somzali wakhe futhi ongaphansi kohlelo loMbuso lokuvikelwa kofakazi.
UHlatshwayo ulihlehlisele uNovemba 23 nonyaka icala ukuze kuqhubeke ukuthi ufakazi afakwe imibuzo ngummeli wabasolwa, u-Advocate Chris Gounden.
UGounden ubeqale watshela inkantolo ukuthi umsolwa wesine, uMnuz Lindani Ndlovu akezanga enkantolo ngoba akaphilile uxinwe wukugula.
Ummeli uphinde watshela leli phephandaba ukuthi izolo ubezimisele ngokuthi aqedele ukuhloma ngemibuzo ufakazi, ehlola ubufakazi abethulela inkantolo ngeqhaza alibamba nabasolwa beshaya uBobo eze eshona.
UMbuso uthe uBobo washaywa washona ngoba esolwa ngokweba utshwala. Kunengeke amalungu omndeni kaBobo abesenkantolo kuhlehliswa icala.
Akhale ngokugqigqela ubala kule nkantolo athi sekujwayelekile ukuthi kube khona ogulayo uma sekumele liqulwe.
Abomndeni bakhale ngokushaya ngonyawo lonwabu kwecala athi kubukeka kuzofinyelelwa ngonyaka ozayo esiphethweni uma izinto ziqhubeka ngale ndlela.
Umalume kaBobo, uMnuz Bongani Mthembu uthe kuyabakhathaza osekwenzeka enkantolo ekubeni bona bafuna ubulungiswa bajeze abasolwa.
Abasolwa okungo-Andile Nhleko, Mncedisi Mzobe, Siyanda Msweli, uNdlovu noMalusi Mthembu bangaphandle ngebheyili.
Basolwa ngokuthumba nokubulala uBobo owatalajwa waze washona egunjini lezicukuthwane endaweni yobumnandi eMagagula Lounge eHambanathi, oThongathi ngoMashi 2020.
Umnikazi wale ndawo eyangqongqiswa umphakathi, uMnuz Mlungisi Thabethe wadutshulwa washona ngoEphreli 2021.
UThabethe wayengumzala kaBobo futhi kusolwa yena ngokuyalela abasolwa ukuthi batalabhe umufi owabulawa efunda u-matric eNkosibomvu Secondary.