NJENGOBA ziqonga izinkinga ezibhekene noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, iNatu isiphakamise ukuthi umnyango kazwelonke ungenele ngokuthi uzibambele mathuba ekuphathweni kwalo mnyango ngenxa yoxhaxha lwezinkinga obhekene nazo.
Umengameli weNatu uMnuz Sibusiso Malinga, uthe umnyango kazwelonke oholwa nguNkk Angie Motshekga, awungenele usebenzisa isigaba u-100 soMthethosisekelo.
Uthe sekuneminyaka lo mnyango utshengisa ukuthi kunokuntenga ekuphathweni kwawo okungenza ugcine uwe bhu phansi.
Muva nje lo mnyango uyaphenywa yizinhlaka ezehlukene okubalwa nethimba elijutshwe nguNdunankulu ngokufekela kohlelo lokuphakelwa kwabafundi ezikoleni lukaR2 billion njengoba abafundi bengadlanga cishe amasonto amabili.
“Asazi ukuba umnyango kazwelonke awungenelelanga ngabe abafundi bayadla yini esifundazweni. Abanamava abaphethe umnyango yingakho namanje indaba yokuphakelwa kwabafundi isabhekene nezinkinga.”
UMalinga ukhale ngezikhala ezingavaliwe zothisha, othisha ababalelwa ku-5 000 umnyango ongenayo imali yokubakhokhela ngenxa yemali.
“Uma kukhona othisha abangekho abafundi basala dengwane ekubeni kunenqwaba yothisha abangaqashiwe. Imali yezikole zokuthi zizithengele izincwadi ayifikanga kwezinye izikole, izinsiza kufundisa azikho kanjalo nothisha bakwaGrade R, basathwele kanzima.”
UMalinga ukhale ngokuthi lo mnyango uhlela ukuvala izikole ezibalelwa ku-900, okuyinto ekhathaza kakhulu ngoba kukhona izingane ezingeke zifunde.
“Kumele kube yisinqumo sokugcina ukuthi kuvalwe izikole ngoba akuzoba nomthelela omuhle ukujaha ukuvala izikole. Nemali yokuthutha abafundi ayikho ngakho kusho ukuthi baningi abazohlala emakhaya.”
Ukhale ngokuthi umnyango awuzange uzithinte izinyunyana ngaphambi kokunquma ukuthi uvale izikole.
“Sizocela umhlangano ophuthumayo noNkk Motshekga ukuze simbekele lezi ziphakamiso zokuthi umnyango awufake ngaphansi kobuholi bakhe. Asikwazi ukuthula sibuka isimo sonakala. NoMqondisi jikelele uMnuz Mathanzima Mweli, wazisholo yena ePhalamende ukuthi lo mnyango udonsa kanzima ungawa bhu noma yinini. Ngeke sithule sibona ukuthi umnyango use-ICU (egunjini labagula kakhulu esibhedlela).”
NoNobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, uyalele uNgqongqoshe walo mnyango esifundazweni uNkk Mbali Frazer, ukuthi athathele izinyathelo abathinteka enkingeni yokuhluleka ukuhanjiswa kokudla ezikoleni noma kukhona okusina kumjeqeza.
UMbalula uthe ikomiti lansuku zonke lokusebenza kwe-ANC, liyalele ukuthi kumele kube nezinyathelo ezinqala ezithathwayo ngalolu daba.