SEKUSUKE imvunge kumaNazaretha akhala ngesenzo somholi wawo, uMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, athi wenza okuphambene nenqubo yebandla ngokuzifaka kwipolitiki.
Isolezwe Ngempelasonto, lithole ngomthombo ongaphakathi ebandleni ukuthi amalungu ebandla kawaneme emva kokuthi lo mholi esekuveze kaningi ukuthi akwesekwe i-ANC, ibuyiselwe emandleni.
“Ibandla alingeni kwipolitiki. Ungumholi, akumele ukuthi anxenxe abantu ukuthi bavotele iqembu lepolitiki. Thina sazi ukuthi uShembe unamandla ngaphezu kwepolitiki. Wonke amaqembu epolitiki avumelekile ukuthi angeza ukuzocela isibusiso kwaShembe.
Uma efika kumele azikhulumele wona embhobhweni, anxenxe abantu ukuthi bawavotele. UNyazilwezulu njengomholi, kumele luthi iNkosi ibabusise, kube wukuphela. Okusixakayo wukuthi uNyazilwezulu luzisholo lona ukuthi i-ANC ayinikwe ithuba.
Le nkulumo luyishilo ngesikhathi siseNtabazwe. Lwayiphinda futhi sisemashini eMgungundlovu. Njengamakholwa iyasikhathaza le nto ngoba siyabona ukuthi sesiyasetshenziswa ukufeza izinhloso zepolitiki nokuthi silandele iqembu elilodwa, ekubeni maningi akhona ebandleni,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo uthe isenzo soNyazilwezulu, yisona esifakela i-ANC isigcwagcwa ngokuthi kube yilona oluthi ayivotelwe.
“Kumanje abantu abaningi bacasukile ngalesi senzo futhi abanye bayasho ukuthi yisona sizathu esizokwenza bangayivoteli uma lwenza kanje.
Okubuhlungu wukuthi ngisho iqembu lepolitiki elasungulwa wuMnuz Lizwi Ncwane, i-Africa Unite Congress (AUC) lambangela amazinyo abushelelezi ebandleni, ngenxa yokuthi amakholwa awangeni ezindabeni zepolitiki.
Nayo inkosi uNyazilwezulu alukuvumelanga ukuthi inhlalisuthi ivule iqembu lepolitiki,” uqhuba kanje umthombo.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe abantu abangazami ukutolika inkulumo yomholi.
“Thina sikholwa wukuthi okushiwo yinkosi uNyazilwezulu wokwasezulwini. Njengoba kuyilona olumele izulu, ngeke siluqonde ulimi lwasezulwini. Yebo, khona ibandla alingeni ezindabeni zepolitiki njengoba amaNazaretha esemaqenjini ehlukene, kodwa uma sekushiwo wumholi akumele siphikisane nakho ngoba asazi ukuthi yini aboniswe yona ezulwini.
Thina asigxile ekukhonzeni. Siyeke izindaba zezulu. Silalele okushiwo wuShembe kithina. Ziningi izikhathi lapho amakholwa abesala edidekile ngenkulumo yenkosi, okudalwa wukuthi awayiqondi indlela exhumana ngayo nezulu,” kusho uMncwabe.
UNyazi kuthiwa kulezi zinkulumo luthi lucela amakholwa ukuthi anike i-ANC elinye ithuba lokubuyela emandleni. Luze luveze nokuthi amaphutha akhona kodwa nohulumeni wobandlululo wawunawo amaphutha.