IHLUKENE imibono ngokugxekwa kweANC noMengameli Cyril Ramaphosa, ngababengomengameli.
Ngempelasonto, uMnuz Thabo Mbeki, Jacob Zuma noKgalema Motlanthe, babe nezinkulumo lapho khona begxeke uRamaphosa ne-ANC.Laba ababengomengameli 9baphawule kakhulu ngodaba olungundabamlonyeni lokugqekezwa kwepulazi likaRamaphosa eliseLimpopo, iPhala Phala, bethi uRamaphosa kufanele aphendule ngalo.
UZuma uze wabiza uRamaphosa ngesikhohlakali, wamsola nangokuvukela uMbuso.
Kuqubule imvunge ukugxekwa esidlangaleni kukaRamaphosa kepha i-ANC KwaZulu-Natal ithi laba baholi bagagamelile.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, usigxekile isenzo salaba baholi.
UMtolo uthe bekufanele basebenzise izinhlaka zangaphakathi kwi-ANC ukugxeka inhlangano noma uRamaphosa.
“Ukugxeka kwabo i-ANC nomengameli wayo esidlangalaleni kulimaza isithunzi senhlangano. Siyakuqonda ukuthi njengamanje i-ANC ibhekene nezinkinga eziningi kepha ukuziphatha kwalaba baholi abathathu esibathandayo nesibahloniphayo kusiphoqa ukuthi sikhethe phakathi kwabo ne-ANC.”
UMtolo unxuse ukuba babukele kowayengumengameli, uMnuz Nelson Mandela, athe akakaze ahlasele i-ANC noma ubuholi bayo esidlangaleni kepha wayesebenzisa izinhlaka zenhlangano.
UMtolo uthe ayikho inkantolo esike yathola uRamaphosa enecala ngodaba lwasePhala Phala.
Umhlaziyi wezepolitiki ozinze eNyuvesi yaseWestern Cape, uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe bekufanele bakhulume kanje ngoRamaphosa ngoba wehlulekile ngukuphatha izwe.
“Ngesikhathi kukhishwa uZuma, kwathiwa izinto ziyabheda. Kwathiwa umengameli omusha uza neNew Dawn.
“URamaphosa wangena ngegiya eliphezulu kanti uzogcina ehluleka. Inkohlakalo iyaqhubeka ngaphansi koMbuso wakhe.”
UMngomezulu uthe ukuba amalungu e-ANC anemigogodla, uRamaphosa bekufanele angaphinde akhethwe njengomengameli we-ANC.
Uthe uma eke waphinde wakhethwa uRamaphosa, i-ANC ingase ilahlekelwe wukhetho lwango-2024.
Omunye umhlaziyi wezepolitiki oseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe laba baholi nabo kabekho msulwa njengoba begxeka uRamaphosa.
“Angiqale ngikusho ukuthi ayikho into ehlukile abayenzile kule eyenziwe wuRamaphosa. Uma uzobheka ngesikhathi sikaMbeki, ubugebengu babuphezulu. Wavikela uJackie Selebi (owayengukhomishana wamaphoyisa). Ngaphansi kukaZuma kwakukhalwa ngenkohlakalo. Kungithusile ukubezwa bekhuluma kanje ngoRamaphosa.”
UNdlovu uthe izinto abazishoyo ngoRamaphosa bazikhulunyiswa wukuthi i-ANC ibheke engqungqutheleni yokukhetha ubuholi lapho uRamaphosa efuna khona ihlandla lesibili.