UBEPHILA impilo yobukhazikhazi, ezikhangisa ngokuhweba ngeForex omunye wabasolwa ababhekene necala lokubulala ngesihluku abesifazane ababili eKenville ngempelasonto.
Izidumbu zabangani, oNksz Anele Mbokazi noNksz Zizipho Gabisa zitholwe zidindilizile kule ndawo.
UMnuz Lungani Mthethwa ongumsolwa wokuqala, uvela ezinkundleni zokuxhumana ephethe imfumba yemali engamaphepha, enxenxa abantu ukuthi abamlandele ebhizinisini leForex ukuze bacebe njengaye.
Kwenye yama-video uze ayidalule imali ayivezayo isekhalibhothini, ethi ingu-R3 million.
“Ngingumhwebi weForex. Ilokhu ke okungikhuthaza kakhulu. Uma ngithi ngilandele, uzofana nami, ngisuke ngikhuluma ngento enje,” esho eveza imfumbamfumba yemali engamaphepha ekhalibhothini.
Kukhona lapho eveza khona izinhlobonhlobo zezimoto zakhe zenani eliphezulu. Uphinde avele esezindaweni zomntakabani.
Kuleli cala uboshwe nomngani wakhe, uMnuz Sandile Chili, ongumsolwa wesibili.
Bevela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, kuvele ukuthi ngaphezu kwamacala amabili okubulala, kukhona namanye ababhekene nawo.
Phakathi kwawo kukhona elokushaya, elokubamba inkunzi nelokutholwa nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu.
Abameli babo, uMnuz Nyameka Jondwana noNkk Sibongile Khanyile bekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo, bathe abangakudalula okwamanje ukuthi abasolwa bazowaphika amacala ababekwa wona.
"Yize singafuni ukukhuluma okuningi okwamanje njengoba uphenyo lusephansi, kodwa abasolwa bazowaphika wonke amacala ababekwe wona,“ kusho uKhanyile.
IMantshi, uMnuz Scelo Zuma ilihlehlisele uSepthemba 4 icala ukuze abasolwa bacele ibheyili.
Uveze ukuthi ngenxa yobucayi becala maningi amathuba okuthi lidluliselwe eNkantolo eNkulu (yaseThekwini).
UMshushisi woMbuso uMnuz Calvin Govendor, uthe bazosiphikisa isicelo sebheyili ngoba abasolwa babulale abagilwa ngenhloso.
Udalule ukuthi ihhovisi loMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi linentshisekelo ngecala njengoba limayelana nesihlava sokubulawa kwabesifazane.
Uphinde waveza nokuthi ngesikhathi abasolwa beboshwa eSouth Beach, eThekwini batholwe nesibhamu i9mm nezinhlamvu ezingu-16 neselula kaNksz Mbokazi.
Abasolwa kuthiwe bazogcinwa esitokisini samaphoyisa eDurban North.
Ngaphakathi enkantolo abasolwa bebebukeka bediniwe, bebiphile.
UMthethwa ubegqoke ihembe elinombala o-brown avela eligqokile kwamanye ama-video akhe abonakala ezinkundleni zokuxhumana, uChili ubedlubhe ezimnyama.
Bobabili bebelokhu beqalaza emumva, bebuka ukuthi obani abeze enkantolo.
Isolezwe liqaphele ukuthi bekukhona imindeni yabasolwa kuphela, ingekho eyabagilwa.
Ithintwa imindeni yabagilwa ithe iphansi phezulu namalungiselelo emingcwabo.
Ngosuku lwesigameko, abasolwa kuthiwa bahamba bayolanda abafi emakubo eRiverview Park, eVerulam kwayiwa ebumnandini.
Kuvela ukuthi abasolwa babashela abafi ngenhloso yokuthi kugcine kuyiwe ocansini, nokwathi uma kungasenzeki lokho, abasolwa babathatha abafi bayobadubulela eKenville.
Isolezwe lithole ukuthi abagilwa nabasolwa bazane emasontweni amabili edlule, kuhlanganwa ememulweni othize.
UNksz Mbokazi kuthiwa ubengumhlengikazi esibhedlela iGeneral Gizenga Mpanza Memorial (Stanger Hospital) kuthi uNksz Gabisa abe yi-pharmacist esibhedlela esizimele eMhlanga.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi kusize ucingo lukaNksz Mbokazi obelukubasolwa ukuthi batholakale njengoba ibifunwa kusetshenziswa enye ifoni eyi-Iphone enobuchwepheshe obukwazi ukuthola ifoni elahlekile yalolu hlobo.
Isolezwe libuye lahosha ukuthi emotweni eyi-Mercedes Benz kutholakale amanye amaselula namajakhethi abantu besifazane.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana bebebabaza isihluku okubulawe ngaso abagilwa, kanti emuva kokuvela kwezithombe zabasolwa bebebiza uMthethwa ngesigebengu abanye bebethi sebephuma kuTik Tok wakhe.