SIYINDABA egudwini kumalungu omphakathi wasoDidini, eMbumbulu, isehlakalo sokudutshulwa kubulawe induna endaweni ebiphinde ibe ngusomabhizinisi.
UMnuz Sphiwe Msweli (54) kubikwa ukuthi udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu eqeda kuvala ebhusha lakhe elibude buduze nomuzi wakhe.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi uMsweli ubengusomabhizinisi owaziwayo nohlonishwayo kakhulu kule ndawo.
“Akuqondakali ukuthi yini imbangela yokudutshulwa kwakhe. Sonke njengamalungu omphakathi siyazibuza siyaziphendula ukuthi ingampela ubulawelweni?’’
Kuvela ukuthi abasolwa abadubule umufi bafike behamba ngeveni emhlophe okuthiwa babaleke ngayo sebedubulile.
“Sizwe kuthiwa, uthe eselele phansi bamkhuthuza, asibange sisezwa ke ukuthi bathatheni,” kusho umthombo.
Ugcizelele ukuthi uMsweli ubengusomabhizinisi othandayo ukufaka isandla ngenhloso yokulekelela abaswele emphakathini.
Nomsebenzi wakhe wobunduna, umthombo uthe ubewenza ngokuzikhandla nangokuthembeka okukhulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala, elokuzama ukubulala, nelokweba esiteshini samaphoyisa eMbumbulu.
“Kubikwa ukuthi ngoMashi 8, owesilisa udutshulwe wabulawa, ngaphandle kwebhizinisi lakhe oDidini, eMbumbulu, ngabasolwa abangaziwa,” kusho uLt Col Gwala.
Uqhube wathi umufi uphinde wantshontshelwa isibhamu sakhe, amaphoyisa asaphenya ngembangela yokubulawa kwakhe.
Imizamo yokuthola umndeni ayiphumelelanga njengoba inombolo yocingo ebitholwe Isolezwe ibikhala ingabanjwa.
Usihlalo weNdlu yobuKhosi boMdabu KwaZulu Natal, iNkosi Sifiso Shinga, ithe kuyabakhathaza ukuthi namanje akukho okutheni okwenziwayo ukulwa nesihlava sokubulawa kwezinduna namakhosi.
“Akwenziwa lutho. Nomthetho awuyilimi indima yawo uma kuziwa ngakulolu daba,” kusho uShinga.
Enza isibonelo, uthe amakhansela ayanikwa abaqaphi uma ezizwa engaphephile.
“Kodwa ezinduneni, uhulumeni uye akhale ngokungabibikho kwemali. Ngokomthetho izinduna namakhosi akubona abantu okufanele bahambe ngaphandle kwabaqaphi.
“Ngasohlangothini lwamaphoyisa, siye sibone amanye amacala okubulawa kwabathile ebekwa eqhulwini ngophenyo, kodwa awokubulawa kwezinduna namakhosi, wona awathathelwa phezulu,” kusho uShinga.
Uthe kusuka ngo-2019, zingaphezu kuka-50 izinduna ezibulelwe, wathi amakhosi angu-12.