KUSHIYE isijabane esingachazeki ukubulawa kwabesifazane ababili, indodakazi nonina, abebehlala KwaMasxha, eMayville eThekwini ngoLwesine.
Isidumbu sikaNkk Patricia Nokuthula Jeza (48) nendodakazi yakhe uNksz Queen Jezelihle Jeza (22) zitholwe endaweni yokulahla udoti eMachobeni eNanda, ngasemfuleni uMngeni ngoLwesihlanu. Kuvele ukuthi babulawe ngokudutshulwa ngoLwesine.
Kuthe kusabatshazwa lokho, amaphoyisa athela othulini abasolwa abane ngoMgqibelo, okukholakala ukuthi bayamene nokubulawa kwabesifazane.
Ithathe elinye ijika indaba ngesikhathi amaphoyisa esebopha inyanga edumile yaseNanda, esolwa ngokuthi ibithenge izinkabi ukuthi zibulale laba besifazane.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele emzini wabafile izolo, lifice uNksz Pinky Mlambo, ongudadewabo kaNkk Jeza.
Bekukhona nezingane ezisencane ezintathu, kuzona kukhona ezimbili zikaNkk Jeza, kuthi eyesithathu kube ngekaNksz Jeza.
UNksz Mlambo ubehleli yedwa kumatilasi, engekho obemzimazisile. Izihlobo ezimbalwa ezificwe yiSolezwe, zisheshe zavalelisa.
UNksz Mlambo ukhale ngokuba yedwa, angabi nawo amalungu omndeni amesekayo ngesikhathi esinzima, njengoba udadewabo ebulewe nendodakazi yakhe endala, ushiye yena nalezi izingane ezintathu, angazi ukuthi uzoyithini indaba yazo.
Isolezwe lihoshe emthonjeni walo ethembekile ukuthi laba besifazane bathengelwe yinyanga izinkabi. Kuthiwa inyanga le ibinqwahe no-R300 000 eyayiwunikwe wuNkk Jeza phambilini, kuvunyelwene ngokuthi izode imfakela imali ethile njalo ngenyanga.
“Kuthiwa igcine ingasamfakeli imali njengokwesethembiso, okuholele ekutheni agcine ethi ayiwubuyise u-R300 000,” kusho umthombo.
Uqhuba umthombo uthe ayizange inqabe inyanga uma esho njalo, kuhlelwe usuku, kwavunyelwana ngokuthi imali ilandwe ngoLwesine.
“Baphume ekhaya ngoLwesine beyolanda wona-ke (uR300 000) njengoba begcine sebetholwa bebulelwe ngakhona eNanda,” kulandisa umthombo.
Phezu kwale mpambankwici, kunomndeni wesosha, uMnuz Bongani Jeza ongasekho owayengumyeni walona wesifazane, oveze okushaqisayo ngabafi, wezwakalisa ubuhlungu ngokushona kwabo bengazikhiphanga ‘izimpendulo’.
UNkk Nobuhle Mchunu, ongudadewabo kaJeza, uveze ukuthi ngesikhathi eshona ngoSepthemba 2021 kwaphela izinyanga ezimbili engangcwatshiwe, kuphunywa kungenwa ezinkantolo kufunwa imbangela yokufa kwakhe.
“Uskwiza nendodakazi (abashonile) basho izinkulumo ezingafani ngokufa kukamfowethu owashona esendlini bekhona. Lokho kwasenza sasola ugcobho ngokufa kwakhe. Sathola ummeli ukuthi amise umngcwabo, kwenziwe ukuhlolwa kwesidumbu okuzimele,” kusho uNkk Mchunu.
Uthe umphumela wabuya uthi uJeza akazishonelanga njengokusho kukaNkk Jeza nendodakazi kodwa washaywa ngesikhali esithile.
UNkk Mchunu uthe kwenzeka lesi sigameko sokubulawa kwalaba ababili bona bebesalinde ukuthi kuqhume icala enkantolo.
“Besicabanga ukuthi basazoyovela enkantolo, bachaze ukuthi umfowethu wabulawa wubani ngoba endlini kwakukhona bona futhi baqamba amanga, bethi uzishonele,” kusho uNkk Mchunu.
“Sizwa ubuhlungu ngokuthi baze bashona bengakhulumile,” kusho uyena. Ubuye wathi basola ukuthi imali eyanikwa inyanga iyingxenye yeyaphuma emva kokushona kukamfowabo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukuthi abasolwa abane abathinteka kuleli cala badutshulwe ngamaphoyisa bafa ngoMgqibelo.
“Babanjwe besendleleni ebheke eMpophomeni, ukuyohlanjululwa. Imoto yabo ivinjwe ngamaphoyisa eSikebheni eMzinyathi kodwa abebephakathi bavele bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. Nawo abuyisela, bafa bobane. Kutholwe izibhamu ezintathu kubona,” kusho uNetshiunda.