AKUKACACI ukuthi ubekuyiphi imboni ngomsebenzi ‘usomabhizinisi’ wase-Richards Bay obulawe esigamekweni sokudubulana namaphoyisa, esenzeke eBallito ngoLwesithathu ntambama.
UMnuz Nkululeko Mkhize (30), okuthiwa ubengusomabhizinisi osatshwayo endaweni, kuthiwa ungomunye wababili abasale enkundleni ngesikhathi kudutshulwana namaphoyisa ophiko iKwaZulu-Natal Stability Unit. Amaphoyisa athi abelandela umkhondo wabasolwa abathinteka esigamekweni sokudutshulwa kubulawe abantu abahlanu okwenzeke edolobheni eRichards Bay ngoLwesibili.
Umthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa osondelene namaphoyisa aseRichards Bay, uveze ukuthi uMkhize ubengesiyena usomabhizinisi njengoba kushiwo, kodwa ubeyindoda esatshwayo kakhulu.
“Ubekuma-forum adume ngokudala izinxushunxushu kosomabhizinisi bendawo, kangangoba nosomatekisi bebemsaba kakhulu. Ubethatha u-R150 itekisi ngalinye ngenyanga, abethi yimali yokuthi bavikelwe,” kusho umthombo.
I-voice note, okukholakala ukuthi yizwi likaMkhize, esabalele ezinkundleni zokuxhumana, kuzwakala eyaleza ngokuthi bonke osomabhizinisi kuzoba nemali abazoyikhokha njalo ngenyanga.
“We mfo ka… (egagula okukholakala ukuthi osembonini yamatekisi). Cha ndoda, ngithi angisebenzise inamba yakho ngoba iyona engiyitholile. Ngicela ungidlulisele lo myalezo kubafowenu enisebenza nabo ukuthi yonke into ekhona lapha eRichards Bay, Mr D, Uber Eats and Take a Lot - yonke leyo nto leyo kanye nani njalo uma kuphela inyanga imoto nemoto, isithuthuthu nesithuthuthu ngifuna u-R100, kubona ngenyanga. Ungisizeke ungidonsele bona ngendlebe abantu bakho ukuthi singakubangi lokho. Uma kukhona othi ufuna ukungazi ungitshele nguNkululeko wakwaMkhize. Ngizofika mina lapho…” kusho leli zwi eliqoshiwe.
UMkhize useke waba ngundabamlonyeni ngesikhathi ekhehla ingoduso yakhe KwaNongoma nyakenye eshaya indishi ka- R1 million ekhweni lakhe. Kuthiwa wayehlobe ngemvunulo ka-R52 000, egqoke izimpahla okuthiwa zazingabiza u-R600 000.
Isitatimende esikhishwe ngabendawo yabadla izambane likapondo eZimbali Estate, nokuyilapho isigameko sokufa kwakhe senzeke khona, siqinisekise ukuthi uhlala khona kule ndawo okungangeni noma ubani kuyo.
UMnuz Francois Schoeman, oyisikhulu esiphezulu kule ndawo, uthe ukuphepha komphakathi ohlala kule ndawo kubaluleke kakhulu njengoba kusolakala ukuthi uMkhize ubethinteka emacaleni aphenywa ngamaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe emva kwalesi sigameko, amaphoyisa athole izibhamu eziyisithupha nezinhlamvu ezevile ku- 1000.
“Uphiko oluphenya ngokuziphatha kwamaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate, lujutshelwe endaweni yesehlakalo ukuyophenya. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka kanti kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye abasolwa,” kusho uNetshiunda.