IQEMBU Umkhonto weSizwe likhala ngokunyathelwa kwamalungelo omholi walo ePhalamende uDkt John Hlophe, ngokungavunyelwa ukuba sekomitini eliphakamisa amagama abantu abazoba amajaji kumengameli wezwe uCyril Ramaphosa.
Leli qembu lithe lidumele ngokuthi inkantolo ichithe isicelo sayo esiphuthumayo sokumisa ukuhlala komhlangano waleli komiti i-iJudicial Service Commission (JSC).
Ligxeke neqembu i-DA ngokulwa izimpi zezepolitiki ezinkantolo.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe uHlophe wakhethwa yileli qembu ukuthi alimele kwiJSC, ngakho badumele ngokuthi inkantolo ayimvumelanga ukuba yingxenye yalo.
Usho lokhu nje kusuka namhlanje kuze kube yisonto elizayo iJSC izobe ihlangene okokuqala selokhu kwaba nokhetho lukazwelonke, lapho kuzobe kuphonswa khona imibuzo abantu abangu-50, abagaqele izikhundla zokuba amajaji kuleli.
Ijaji enkantolo enkulu yaseSouth Gauteng, uJames Wilson, ngoMgqibelo lichitha iMK lithe iJSC izobe imelelekile noma kuthiwa uHlophe akekho.
UWilson uchithe nezindleko lesi sinqumo wathi izinhlangothi zizozikhokhela ngokwehlukana izindleko.
Uveze ukuthi amanye amalungu amahlanu eJSC avela ePhalamende azobe eyingxenye yomhlangano ngakho akukho ukungameleleki kwePhalamende ngoba uHlophe engekho.
Kwenzeka lokhu emva kokuba inkantolo enkulu eWestern Cape, yakhipha isivimbelo kuHlophe ukuthi angawuthameli umhlangano weJSC. I-DA, Corruption Watch neFreedom Under Law (FUL), zafaka izicelo ngokwehlukana zivimba uHlophe ukuthi abe semhlanganweni weJSC ozokhetha amajaji ngoba waxoshwa kwesokuba yijaji.
Amanye amalungu eJSC kubalwa umengameli wamajaji uMandisa Maya ongusihlalo, amanye amajaji, uNgqongqoshe wezobuLungiswa uNksz Thembi Simelane, abameli, osolwazi bezomthetho kanjalo namalungu ayisithupha ePhalamende asuke ekhethwe amaqembu. Kukhona namalungu amane eNdlu yoMkhandlu weziFundazwe.
I-DA isincomile isinqumo senkantolo sokuchitha isicelo seMK yathi umuntu ofana noHlophe ubeka engozini ezobulungiswa zakuleli.
UNdhlela uthe balinde kuphothulwe necala elithinta ubulungu bukaHlophe kwiJSC njengoba ekhethwe ngokohlelo lwasePhalamende, olwaluvulelekile futhi luhambisana nentando yabantu.