UKUGOBHOZA kwegazi okunganqamuki eHammarsdale, eThekwini okuhambisana nokudlanga kwezidakamizwa nokugqekezwa kwezikole sekusukumise amalungu omphakathi akule ndawo.
NgoLwesine kwethulwe uhlaka oluzosebenzisana namaphoyisa akule ndawo olwethiwe elokuthi yiMpumalanga Saps Spiritual Crime Prevention.
Lwethulwe embuthanweni obukade usemagcekeni esiteshi samaphoyisa akhona eMpumalanga.
USihlalo walolu hlaka uMfu Xolani Buthelezi uzwakalise ukudumala ngezigameko ezinyantisa igazi athe zibonakala ziqhubeka kule ndawo.
Inhlosongqangi yalolu phiko uButhelezi uthe ukubuyisa onembeza kubantu bakule ndawo.
"Sikholwa ukuthi sekulahleke bona uqobo onombeza manje kubantu bakule ndawo. Sikholwa ukuthi kumele inkinga esibhekene nayo isetshenzwe ngokukamoya,''usho kanjena.
Lolu phiko uveze ukuthi luhlanganisa amaphoyisa, abefundisi, yizinyanga, izangoma nezinduna.
Ubalule izigameko ezimbalwa athe zibashiye bebambe ongezansi bona njengamalungu omphakathi.
Ukhulume ngesigameko esenzeka endaweni yobumnandi yakule ndawo eminyakeni emibili eyedlule, eSea Mens Coner lapho okwagasela izigilamkhuba zavulela ngenhlamvu kwashona abantu abane.
Ukhale ngezigameko zokuhlaselwa kwezikole kuphangwe othisha athe zibonakala seziba yinsakavukela muva nje.
Uveze ukuthi ezinyangeni ezimbili ezedlule kwagasela izigilamkhuba oBhedu Primary School kwaphangwa othisha baphucwa nomakhalekhukhwini.
Uthi bathe besababaza loyo mhlola, lo mshophi wakapakela kwaMyeza Primary School nakhona izigilamkhuba zenza into efanayo.
"Uyabona ukuthi manje nothisha sebezozizwa bengaphephile kahle uma besesikoleni,''usho kanjena.
UButhelezi udalule ukuthi namabandla nawo ayahlaselwa mihla namalanga.
Uthe emabandleni khona bagqekeza kungekho muntu maqede bantshontshe izimpahla zebandla bakhale bemuke.
"Uyabona ke ukuthi inkinga enkulu ikonembeza uma abantu sebekwazi ukungena esontweni bantshontshe,''usho kanjena.
Uthe bahlela nokuba nezimbizo lapho okuzobhungwa khona ngezindlela ezingasetshenziswa ngenhloso yokunqoba isihlava sobugebengu kule ndawo.
Ugcizelele ukuthi ngalo mkhankaso abahlosile khona ukwehlulela nokushushisa izigilamkhuba kodwa bahlose ukuthi zisizakale zihlunyeleliswe izimilo.
Uthe kulokoza inhlansi yethemba mayelana nokuthi luzodala umehluko lolu phiko obelwethulwa.
Ulimise ngesihloko elokuthi abantu baseHammarsdale bahleli lubhojozi balala obenyoni ngenxa yokwanda kwezigaemeko ezihamba nemiphefumulo yabantu.
UButhelezi ukhuluma kanjena nje, ngenyanga eyedlule kudutshulwe kwabulwa intatheli yeSolezwe uMnuz Bongani Mbatha esemzini wakhe. Namanje kusacwebe iziziba abakatholakali ababulali bakhe.