KUBUKEKA sekuphenduka insakavukela umchilo wesidwaba ukubulawa kwabantu abaningi ngesikhathi esisodwa ezindaweni zamakhosi.
Muva nje, iningi labantu elisuke libulewe ngabesifazane, nezingane.
Zivamisile ukwehluka izizathu abantu ababulawelwa zona okanye umbulali afe nemfihlo noma ayobhadla ejele aqome ukuzithulela.
Lezi zehlakalo ziyaye zitshale ukudideka nengebhe emphakathini, uthole abantu sebehamba bejeqeza ubala.
Kuvamisile ukuthi kuthiwe ubugebengu obusuke buhleliwe, nokwanda kwezibhamu ezingekho emthethweni kuba yimbangela enkulu ezehlakalweni zokuqothwa kwabantu abaningi ngesikhathi esisodwa.
Muva nje, kubikwe izigameko zokusocongwa kwabantu abaningi behleli ndawonye KwaZulu-Natal, nase-Eastern Cape.
Lesi sihlava sikhuza ibuya, sike sabhebhetheka emiphakathini eyakhele isifundazwe iKwaZulu-Natal, naseGauteng ngo-2022.
Ngaleso sikhathi abantu babesocongwa ngapha, nangapha uma bezijabulisa ezindaweni zokucima ukoma.
Abanye abantu babeze bakuphendule ihlaya lokhu ezinkundleni zokuxhumana bethi uma ufuna indlela esheshayo yokufa, hamba uye ejoyintini ebusuku.
NgoSepthemba, kushiye umphakathi ushaqekile ukubulawa kwamalungu ayisikhombisa akwaKhambule, eHlokozi, eHighflats. Ababulali bomndeni bathelwe othulini ngenhlamvu bedubulala namaphoyisa ngoLwesibili.
Abantu bathuke koma nasozwaneni kuhlaselwa futhi kubulawa abozalo abangu-18 belungisela umcimbi wokwembulwa kwetshe eNgobozana, eLusikisiki.
Bawu-15 abesifazane abaphangalala kulezi zigameko ezimbili. Amaphoyisa abophe indoda ebingaphandle ngoshwele onikezwa iziboshwa okuthiwa, yayibaqotha nge-AK47.
Kusabatshazwa lo muga, kuhlaselwe abayisithupha eQumbu, e-Eastern Cape besemhlanganweni olwa nobugebengu bokwebiwa kwemfuyo.
Igazi liqhubekile nokugobhoza KwaZulu-Natal, ngeledlule ngesikhathi kuhlaselwa umama, indodakazi nomzukulu eMatimatolo, eGreytown.
Kuvale ngesehlakalo lapho owesilisa egwaze ngommese amalungu omndeni wakhe ayisikhombisa, kwashona abayisihlanu eBethany, eBergville ngempelasonto.
UDkt Johan Burger ozimele, ongungcoti kwezobugebengu ngamafuphi, uthe imbangela yokuqothwa wabantu ngale ndlela kungenxa yobugebengu obusuke buhleliwe.
UMqondisi wenhlangano iGun Free South Africa, uNkk Adele Kirsten, uthe izwe ligubuzelwe wubugebengu futhi bangu-33 abantu ababulawayo nsukuzaphuma.
Uveza ukuthi ubugebengu buxake kangangokuthi umgilwa kulula ukuthi aphucwe isibhamu kunokuthi asisebenzise ezivikela uma ehlaselwa.
Ngokusho kukaNkk Kirsten phakathi kweminyaka u-2018 no-2023, amaphoyisa alahlekelwe yizibhamu ezingu-3 299. Kunabantu emphakathini abaphatha izibhamu ezisemthethweni abalahlekelwa ezingu-33 495.
“Abantu abantulayo ikakhulu ababa yizisulu zalobu bugebengu futhi abavela emiphakathini engathuthukisiwe lapho kwentuleka imisebenzi. Ukungalingani nokuvalelwa ngaphandle kwezomnotho yikhona okukhuphula ubugebengu nodlame,” kusho uNkk Kirsten.
Okushiwo yiGun Free South Africa yimpilo eyenzeka ebantwini abahlala emalokishini nasemakhaya. Akuvamisile ukuthi uzwe kuthiwa ezindaweni zomtakabani kulaliswe uyaca ngenhlamvu.
Izibhamu ezilahleka amaphoyiseni nakubanikazi bazo emphakathi ziphelela ezandleni zezigebengu bese zicishwa izinombolo zazo zisetshenziswe ezenzweni zobugebengu obuhlanganisa ukubulawa kwabantu.
Kubalulekile ukuvuselelelwa kwezinhlaka ezilwa nobugebengu emphakathi futhi kuqiniswe ukusebenzisana kwabantu namaphoyisa ngenhloso yokulwa nobugebengu.
Abantu kubalulekile ukuthi bahlinzeke amaphoyisa ngolwazi. Nawo amaphoyisa kumqoka ukuthi avikele abantu abahlinzeka ngolwazi khona abantu bezobika ngokukhululeka.
UKhomishana wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola uyavuma ukuthi izibhamu ezingekho emthethweni ezisebantwini ziyiva elingabanguleki wathi akhona amathimba abhekele ukuguqula lesi simo.
UMasemola uthe ezinye zalezi zibhamu okubulawa ngazo abantu ngale ndlela ezazikhona nangesikhathi sezimpi ngobandlululo.
Indlela okubulawa ngayo abantu nsuku zonke eNingizimu Afrika, ungafunga ukuthi izwe elisempini. Kuba nzima kakhulu uma sekuqothwa abantu abaningi ngesikhathi esisodwa okuyaye kushiye izintandane noma amakhaya engasenabani.
UNdunankulu kaZulu ophinde abe nguNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, usanda kubabaza lo muga wokuqothwa kwabantu owenzekae ezindaweni zamakhosi.
UButhelezi kanye nondabezitha bazigxeke kakhulu lezi zigameko abazichaze njengezibe wubuwula.
Babe sebephonsela inselelo umphakatthi ukuba uhlinzeke izinhlaka zezomthetho ngemininingwane ezolekelela ekutheni kuboshwe ababulali.
Ikhwelo elifanayo lisanda kuhlatshwa nayinkosi yamaMpondo, uDaluxolo Sigcau. Yanxenxa labo bantu abaphatha izibhamu ezingekho emthethweni ukuba baziyise emaphoyiseni, ikhala ngokuthi siyaphela isizwe.
Ukulwa nobugebengu kuqala ngomuntu ngamunye. Uma wazi umuntu oyisaphulamthetho emphakathini, mbike emaphoyiseni.
Ungakubona kukuncane lokhu kodwa kungenza omkhulu umehluko ekuhlengeni izimpilo zabantu.
Kumele umbutho wamaphoyisa uvuselele uphiko lwawo lwezobunhloli, ngenhloso yokunqanda ubugebengu bungakenzeki kunokuthi kusukunywe selidume ladlula nabantu.
Izinkantolo kumele zikhiphe izigwebo eziqinile kwabalahlwa ngamacala okubulala abantu. Lokhu kuyaye kuthumele umyalezo oshubile kwabanye abantu abasuke becabanga ukwenza amacala afanayo.